BAKHALA ngogesi obalahlekisela ngamakhasimende osomabhizinisi basePhumlani, eHluhluwe, futhi bathi ayibekezeleki eyezinkinga ze-Eskom ehlezi ifelwa yimishini ephoqa ukuthi kunqanyulwe ugesi.
Labo somabhizinisi bazwakalise ukunengeka kwabo ngogesi ngesikhathi bemukela izitifiketi zokuqeqeshelwa umkhakha abakuwo ePhumlani, KwaHlabisa.
Bangu-48 abebengaphansi kwalolu qeqesho lokuthuthukiswa kosomabhizinisi bendawo ngaphansi kukaMasipala, iBig 5 Hlabisa. Lo mkhandlu uphinde wahlomulisa osomabhizinisi abangu- 269 ngemishini yokudayisa.
UNksz Nelisiwe Nxumalo ubonge usizo lokuthola uqeqesho ngolwazi lwezamabhizinisi.
Ezwakalisa ukukhathazela kwakhe ngogesi, uthe okubuhlungu ukubolelwa yinyama abayidayisayo eziqandisini.
"Siyalahlekelwa kakhulu ngokuhamba kukagesi. Akumnandi nhlobo ukulahla ukudla esisuke sihlose ukwenza inzuzo ngakho," kusho yena.
Eqhuba uthe ukholwa ukuthi ukuqeqeshwa wumkhandlu kuzobalekelela kakhulu ekutheni bakwazi ukuphatha kahle amabhizinisi.
Uthe omunye umkhuba asezowugwema ukukweletisa njengoba abanye abantu benomkhuba wokungabe besakhokha uma sekumele babhekane nesikweletu sabo.
IMeya kaMasipala iBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe ngalolu hlelo babuyisa ithemba kubantu nokubalekelela emabhizinisini abo njengoba umkhandlu wawuthembisile ukuthi uzosebenzisana nabo ezinhlelweni ezihlukene.
"Siyabanxusa abantu ukuthi bangalinge bavumele ukulingeka, badayise imishini. Sisasezinhlelwni zokubaqeqesha bonke osomabhizinisi abahlomule ngemishini njengoba isetshenziswa ngezindlela ezahlukene okubalwa kuzo, ukudayisa ugesi, i-airtime, ukudlala i-lotto nokunye," kubeka uKhumalo.
Ephetha uthe bazosizakala kakhulu osomabhizinisi nakwizivakashi ezisuke zifuna ukuthenga ngamakhadi asemabhange.