IBANDLA lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni liphoqa abahlela ukuganwa ukuthi bahlole igciwane lengculazi ngaphambi kokuthi baxhawule.
Lokhu Isolezwe likuthole ngenhlalisuthi eshayele iphephandaba izolo ikhala ngalo mgomo, okhulumela ibandla awuvumile ukuthi ukhona futhi kakukho okubi ngokuwulandela. Kuthiwa kwenzelwa ukuvikela amakhosazana (okuyizintombi zebandla ezihlolwayo) ukuthi angagcini esesuleleka ngegciwane lengculazi ngoba evume ukugana abantu abahaqekile engenalo ulwazi.
Umthombo waleli phephandaba ongathandanga ukudalulwa, uthe le ndaba kayehli kahle emadodeni ngoba kubukeka sengathi isandla siqine kakhulu kuwona ngoba kunenkolelo yokuthi asuke eseke aya ocansini ngaphambi kokuthatha.
“Le nto iqale ukukhulunywa ebandleni ngo-2017. Ngesikhathi ikhulunywa kwathiwa bobabili abazoganana bazoya kwabezempilo bangaphakathi ababekelwe ukuhlola igciwane. Kwathiwa imiphumela yabazimisele ngokushada izodalulwa kubona bobabili. Abathathelwa isinqumo sokuthi baqhubeke yini nomshado kodwa kwenzelwa ukuthi abazoshada baqhubeke nezinhlelo benolwazi lokuthi abashada nabo banalo igciwane noma cha,” kusho umthombo.
Uthe noma lo mgomo wawumuhle kodwa kukhona lapho unyathela khona ilungelo lomunye umuntu.
“Uma unesifo esithile kuyilungelo lakho ukuzikhethela ukuthi utshela bani ngaso nokuthi umtshela nini. Lapha ozoshada naye utshelwa kanye nawe ngemiphumela futhi lokhu kwenziwa ngaphambi kokuthi nithembisane umshado. Omunye umuntu uyethuka anqume ukuthi akasaqhubeki nomshado okungenzeka ahambe eneka isizathu esimenze wangabe esaqhubeka nomshado. Ilungelo lomuntu onesifo lapho selinyatheliwe,” kusho umthombo.
Omunye wesilisa ukhale ngokuthi uhlelo lwebandla lubukeka luqiniswe ngasemadodeni. UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uthe wonke amabandla anenqubo mgomo yawo.
“Ukuhlolwa kwegazi kwabazoshada kuyinqubo yebandla akukho okudinga ukuchazwe ngayo,” kusho yena.
UMnuz Willington Myeni womkhandlu ovikela ukuhlukunyewa kwamaNarazetha, iNazareth Judiciary Council, uthe bayakweseka ukuthi ibandla ligqugquzele ukuthi abantu bazihlolele ingculazi, nokuthi abazobopha ifindo bazihlole kodwa lokho uthe kumele kwenzeke ngendlela ehlelekile. Kuhlolwe abesilisa nabesifazane ngoba ingozi ikhona zonke izinhlangothi.
“Kuwumsebenzi webandla ukuvikela amakholwa. Singaphakamisa ukuthi kusetshenziswe isikhungo sokuhlola igazi esinobuchwepheshe obukwaziyo okukhombisa ukuthi umuntu unalo igciwane kodwa lisesigabeni sokuthi lingabonakali egazini.
“Ukuhlola ngokuchofoza akuvezi ukuthi igciwane lithithibele alisabonakali kuba sengathi umuntu umsulwa okuzokwenza ukuthi uma esengene emshadweni ayeke imishanguzo.
“Livuke igciwane bese kutheleleka lo ashade naye kanti ukube bekuvelile ukuthi likhona, lithithibele bebezosizana ukuthi kuhlale kunjalo ngokusebenzisa izindlela ezifanele abazokwelulekwa ngazo abezempilo,” kusho uMyeni.