BAYAZIHLANGULA kolokuqasha abasemazweni angaphandle kwaleli ngoba befuna ukubaholela imali encane abanikazi bamaloli.
Bathi abangaphandle abaqashwayo basuke bekuleli ngokusemthethweni futhi babaholela imali ebekiwe eholwa ngabashayeli bakuleli ababaqashile.
Lokhu bakusho esithangamini sabezindaba esilandele umhlangano abebenawo noNgqongqoshe owezamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele, owezemiSebenzi kuleli uNkk Mildred Oliphant , owoMnyango wezaseKhaya kuleli uMnuz Siyabonga Cwele, owezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda obuseThekwini, izolo.
Kulo mhlangano bekuzodingidwa ngezigameko zakamuva zokuvinjwa kwamaloli emigwaqweni, kuhlanganisa ukukhishwa kwabashayeli okusolwa ukuthi abangaphandle kwaleli emalolini abawashayelayo, kushiswe nawo amaloli.
UMnuz Aven Naidu wesigungu esimele abanikazi bamaloli, iPositive Freight Solutions, uthe: “Ukuqasha umshayeli wangaphandle kwaleli onemvume yokuba kuleli akulona icala, okuyicala ukuqasha umuntu okuleli ngokungemthetho. Ukushayela amaloli umsebenzi odinga isipiliyoni, sidinga abashayeli abamakhono kulo msebenzi, kuliqiniso ukuthi uma singamtholi umshayeli onesipiliyoni esidingekayo kuleli, siqasha owangaphandle. Kunabaqashi abangabaqashi abantu bangaphandle kodwa amaloli abo acekelwe phansi. Ukulimala kwamaloli kuzofaka ingcindezi kubathengi , siyakuthokozela ukuthi uhulumeni ahlangane nathi, siyethemba ukuthi sizovela isixazululo kulolu daba.”
UCele uthe kusamele kuhlaziywe ukuthi ngabe ukushayela kungathathwa yini ngengekhono okungathiwa alikho kuleli, okwenza ukuthi kuze kuqashwe abangaphandle kwaleli.
UCele uthe nakuba kuvela ukuthi abacekela phansi amaloli banezikhalo ngendlela okuqashwa ngayo kodwa ukulimaza impahla kuyicala. “Ukucekela phansi impahla nokushaya abantu kuyicala abakwenzayo lokho bazobhekana nengalo yomthetho. Zikhona izindlela ezilandelwayo zokukhalaza hhayi ukwephula umthetho,” kusho uCele.
Uqhube wathi ngokuthola kwakhe kuNkk Oliphant asikho isicelo sokuqasha umuntu wangaphandle kwaleli onekhono elingekho kuleli, esike safakwa ngabanikazi bamaloli .
“Angifuni size singene kakhulu kulolu daba kanti sivumelene ngokuthi ulwazi lusazocutshungulwa kubhekwe ukuthi luyiqiniso kangakanani. Okwamanje simi lapho,” kusho yena.
UKaunda uthe ngesikhathi kuba nezigameko ezifanayo nyakenye abasebenzi babanikeza amagama ezinkampani ezingu-47, okuthiwa ziqasha abangaphandle.
“Nakuba singakaphothuli ukucwaninga zonke lezi zinkampani, sithole ukuthi zikhona izinkampani ezingayilandeli imigomo, sisaqhubeka nocwaningo lwethu,” kusho yena