BAPHIKE balala ngomhlane abameli bowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ukuthi isicelo sabo sakamumva abasifake enkantolo ephakeme yaseMgungundlovu, siyimizamo yokubambezela ukuqala kokuqulwa kwecala lenkohlakalo elibhekene noZuma.
Kuhlehliselwe isonto elizayo ukuqala kokuqulwa kwaleli cala elibhekwe ngamehlo abomvu kulandela ukuthi abameli bakaZuma beveze ukuthi banezinhloso zokufaka isicelo sokuba umshushisi ophambili kuleli cala, u-Advocate Billy Downer, ashenxe kulona.
Nakuba bengachazanga enkantolo izizathu zokufaka isicelo, kepha uZuma utshele abalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo ukuthi abaphenyi becala akubafanele ukuphatha icala.
Ukuqala kokuqulwa kwalo bekulindeleke ukuthi kuqale izolo kuze kube maphakathi nenyanga.
Kepha izolo kuphoqelekile ukuthi iJaji Piet Koen likuhlehlisele uLwesithathu lwangesonto elizayo ukuqulwa kwalo, lapho kuzoqala kulalelwe isicelo sabameli bakaZuma.
Emva kokuvela kwezindaba zesicelo esizofakwa abameli bakaZuma, uDowner utshele inkantolo izolo ukuthi iqaphele ukuba kungabi khona abasebenzisa amaqhinga ukubambezela ukuqulwa kwecala osekuphele iminyaka engaphezu kuka-15 kudonsiswana ngalo.
Kepha abameli bakaZuma bakuchithile lokhu, bathi bona bakulungele ukuqala kokuqulwa kwecala.
Ummeli kaZuma omusha, u-Advocate Thabani Masuku, uphinde waveza nokuthi uZuma uzowaphika amacala abekwa wona.
UZuma ubhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali, asukela esivumelwaneni sokuthengwa kwezikhali, ezathengwa elakuleli ngeminyaka yo-1990.
Umangalelwe nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
UZuma usolwa ngokufumbathiswa intshontsho iThales, okuyiyo eyahlomula ngethenda ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali.
Owayengumeluleki wakhe wezezimali ngaleso sikhathi, uMnuz Schabir Shaik, sewagwetshwa ngecala lenkohlakalo eliphathelene nokuthengwa kwezikhali.
Ekhuluma nabalandeli bakhe emva kokuhlehliswa kwecala, uZuma uchaze kafishane ngesicelo esizofakwa abameli bakhe.
“Abameli bazobonisa inkantolo ukuthi icala esilithathe isikhathi eside kangaka, ziningi izinto ezenziwe ababephenya icala nabashushisayo, ezingekho emthethweni.
“Besizimisele ngokuthi liyoze liyoshona ilanga silanda ukuthi yiziphi izinto abazenzile ezingabavumeli ukuthi baqhubeke baphathe icala.”
UZuma uthe kuzovela abantu ababehleba ngaye, bekhuluma nabaphenyi, bethi akaboshwe.