KUBOSHWE nobhongoza oneminyaka engu-20 phakathi kwabesilisa abasolwa ngokuba yingxenye yeqembu lemigulukudu ebelihlalise lubhojozi umphakathi waKwaMashu.
Lokhu kuvele izolo eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngesikhathi kuvela abesilisa abathathu kwabayisithupha ababhekene noxhaxha lwamacala okuthiwa bawenze kuleli lokishi.
Amagama abasolwa ngeke adalulwe okwamanje ngoba kusazoba nohlelo lokubakhomba. Abathathu baboshwe eGoli batholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi laba baba sematheni ezinyangeni ezedlule ngesikhathi kusabalala i-video yabo behamba bedubula emoyeni ehostela KwaMashu.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi obekhona enkantolo, uthe kubajabulisile ukuboshwa kukabhongoza.
Ubabaze ukuba yinsakavukela kwezigameko zobugebengu ezisuke zibandakanya abesilisa abancane ngokweminyaka.
"Kulaba ababoshiwe kukhona nobhongoza oneminyaka engu-20 ubudala. Kuyamangaza ukuthi ezigamekweni ezahlukene sekuyinto ejwayelekile ukubandakanyeka kwabesilisa abasebancane ngokweminyaka,'' usho kanje.
Uthe bayafisa ukuthi inkantolo isebenzisane nabo ibagcine ngaphakathi bonke abasolwa ukuze umphakathi uzohlala ngokukhululeka.
Izolo laba besilisa uMbuso ubafundele wonke amacala ababekwe wona.
Phakathi kwawo kubalwa elokubulala uMnuz Mxolisi Biyela okuthiwa balenza ngoFebhuwari 26 khona KwaMashu. Kuvelile ukuthi angu-11 esewonke amacala okubulala abayamaniswa nawo.
Amanye amacala ababekwe wona ngelokuzama ukubulala oMnuz Siphiwe Ntshalintshali, Nksz Nondumiso Ntshalintshali, Mnuz Zakhele Thango, Mnuz Thobani Luthuli noMnuz Zamokuhle Mazibuko.
Emacaleni okuzama ukuphanga kuthiwa baphanga uMnuz Sphamandla Ndlovu i-laptop namaselula amabili.
Baphanga noMnuz Asanda Nzama imoto iSuzu emhlophe, noMnuz Siphiwe Mtshali abamduna imoto iBMW emhlophe esigamekweni okuthiwa senzeka ngoFebhuwari 21 elokishini.
UMnuz Khulekani Masikane yena okuthiwa bamphuca ama-pizza amathathu enani lika-R470.
Enkantolo abasolwa baveze ukuthi bazizwa benokuhlukumeza esiteshini samaphoyisa saKwaMashu abagcinwe kusona njengoba benganikezwa amanzi okugeza futhi kungavumelekile nokuthi izihlobo zabo zibavakashele.
Inkantolo ibize iphoyisa elisesiteshini saKwaMashu lafike lakuchitha lokho lathi kungamampunge abakushoyo. Bathe bazosebenzisa abameli bakahulumeni.
Icala lihlehliselwe uNovemba 25 ukuze bafake isicelo sebheyili.