BANIKWE izinsuku eziwu-30 abaphathi bekhaya labadaba iKwaMashu Christian Care Society ukuba balungise isimo salo, kungenjalo lizovalwa.
Kuleli sonto, uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga, unikele kuleli khaya kungazelele muntu emuva kokuzwa ukuthi uMasipala weTheku usulivalele amanzi ngenxa yokuthi likweleta ngaphezu kuka-R2 million.
“Leli khaya lisebenza ngokuzimela kodwa lokho akusho ukuthi sizosonga izandla uma izinto zingahambi kahle. Sesiqalile ukuxoxa noMasipala weTheku ukuqinisekisa ukuthi amanzi akhona. Akukwazi ukuthi abantu abadala bangayothutha amanzi. Sikhiphe nomnqamulajuqu wokuthi abaphathi beKwaMashu Christian Care Society balungise isimo saleli khaya. Uma bengasilungisi sizobhalela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke ukuba ulivale. Ngeke sivume abantu abadala bahlale ngaphansi kwezimo ezinzima,” kusho uNksz Shinga.
Uthembise ukuthi uzosiqapha ngeso lokhozi isimo saleli khaya ngoba ufuna abantu abadalala baphile kamnandi, hhayi ukuthi baphatheke kabi.
Ngaphandle kokuvalwa kwamanzi, uNksz Shinga uveze ukuthi iKwaMashu Christian Care Society inezinkinga zokuphathwa njengoba amalungu ebhodi engaboni ngasolinye okuze kwaholela ekutheni ibhange ligodle kwi-akhawunti imali yaleli khaya.
UNksz Shinga ujube ithimba eliyisipesheli elizosebenzisana nabaphethe ikhaya ukuze likwazi ukuthola imali yalo, likhokhele izikweletu, likhuluma noMasipala weTheku ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayabuya.
Uphethe ngokuthi uzosiqapha ngeso lokhozi isimo, ukuqinisekisa ukuthi isimo siyalunga ukuze abadala bahlale ekhaya elifudumele.