BAYALWE ngokuthi bangalenzi iphutha lokukhukhumala bakhohlwe ukuthi bahola abantu abefundisi be-Ethiopian Holy Baptist Church ebebekade begcotshelwa ukuhola igatsha laleli bandla elisePitoli.
Leli bandla elihlanganisa iminyaka engu-101 laba khona, laziwa kakhulu ngele Zikhova Ezimnqini. Libalwa namanye anamlando omude nonothile.
Bekukade kugcotshwa uMfu Vusi benomkakhe uMfu Sphiwe Jiyane, njengabaholi begatsha iNyanda elisePitoli.
Inkonzo yomgcobo ibikade iqhubeka khona ePitoli. Ibihanjelwe yizifunda zaleli bandla eziyisithupha ezitholakala eNingizimu Afrika yonke.
Inhloko yebandla kuzwelonke, uSenior Bishop Jeremiah Mashinini, ibeqhuba inkonzo yokubagcoba ngokusemthethweni.
UMashinini ubadonse ngendlebe ngokuthi bangalenzi iphutha lokukhukhumala baze bakhohlwe ukuthi baphathiswe into kaNkulunkulu. Uthe umholi wangampela uyazithoba futhi wazi kahle ukuthi uphathisiwe akenzi into yakhe.
Ekhuluma ebhekise ngqo kubona uthe: "Kukhona konke enikwenzayo, kumele nazi ukuthi lona umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho-ke kumele ninyathele ngokukhulu ukucophelela lokhu.''
Ubancomile ngomsebenzi omkhulu nomuhle athe sebewenzele ibandla, wathi ukusebenza kwabo ngokwethembeka kuyona yonke le minyaka yikhona okuholele ekutheni bathenjwe ngokuhola leli gatsha.
"Indlela enikhombise ngayo ukwethembeka yiyona edale ukuthi kubonakale kungaba yinina eningawenza kahle lo msebenzi,'' usho kanje.
Omunye wabaholi baleli bandla, uMfu Vusi Ntanzi, uthe ibandla linenhlanhla enkulu yokuba nabaholi bohlobo lwabo.
Naye ekhuluma ebhekise kubona uthe: "Ibandla likaNkulunkulu ngobubanzi balo liyabadinga abaholi abafana nani ngokwenza. Sengathi ukugcotshwa kwenu kungedale ukuthi niguquke kokuhle ebenivele nikwenza ngaphambilini.''