BABALELWA kwabangu-7.9 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika, njengoba izibalo zakamuva ze-StatsSA ziveza ukuthi bangu-179 000 abantu abaphelelwe wumsebenzi kuleli kwikota yokuqala yalo nyaka.
Yize kukhona abalahlekelwe wumsebenzi kodwa ucwaningo luveza ukuthi abangu-258 000 bakwazile ukuthola amathuba omsebenzi amasha phakathi kwekota yesine yonyaka odlule, neyokuqala yalo nyaka. Lokhu kubeke isibalo sabasebenzayo ku-16.2 million.
Ngonyaka odlule bebengu-7.8 million abangasebenzi bengu-15.9 million abasebenzayo.
Imikhakha edale amathuba omsebenzi amasha ngowezimali, owezokuthuthukiswa komphakathi, owezolimo nama-utilities.
Izifundazwe ezidale amathuba omsebenzi yiGauteng, Limpopo, Western Cape, KwaZulu-Natal,Eastern Cape neNorthern Cape.
Imisebenzi inciphile eNorth West, Free State naseMpumalanga.
Bawu-3.3 million abantu asebephelelwe yithemba lokuthola umsebenzi.
Umphathi weStats SA, uMnuz Risenga Maluleke, uthe abesifazane abamnyama yibona abahamba phambili ngokuswela imisebenzi njengoba isibalo sabo simi ku-39.9%, balandelwa abamaKhaladi ngo-22%, kube abamaNdiya ngo-21.1% kugcine abamhlophe ngo-10.2%.
Ngokobulili abesifazane yibona abaswele kakhulu umsebenzi kunamadoda njengoba isibalo sabo simi ku-51.0% kanti amadoda ami ku-43.9%.
Izinga lokungasebenzi kubantu abasha liphezulu kakhulu kwabanyama njengoba isibalo siku-37.2%, emaKhaladini siwu-22%, emaNdiyeni siwu-14.3% bese kwabaMhlophe sibe wu-7.5%.
Isazi somnotho sakwaFNB uMnuz Thanda Sithole, sithe ukuqashwa kwabantu sinyuke ngo-2.3% kanti ukungabikhona kukagesi kwenze ukuthi kungadaleki amathuba omsebenzi amasha emkhakheni ezokukhiqiza neminye.
Siveze ukuthi yize kudaleke amathuba omsebenzi awu-6 641 ezimayini kodwa ukungabikho kukagesi kusaqhubeka nokuhlupha lo mkhakha.
UNobhala Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe uhulumeni kufanele ayilungise ngokushesha indaba yokunqamuka kukagesi ngoba yiyona eyenza ukuthi osozimboni bangatshali imali yabo eNingizimu Afrika ukuze kudaleke amathuba omsebenzi amasha.
Ukhale ngokuthi nomnotho kulindeleke ukuthi ukhule ngo-0.1% kusuka ku-2.0% wangonyaka odlule.