BATHINTE amalakazane kuKhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo abamangalelwa kwelokufa kukaSenzo Meyiwa, abadumele ujele izibhodongo enkantolo bemsola ngokubalawula.
Abamangalelwa ababonakale bemandla esigamekweni; ngowesithathu uMthobisi Mncube, owesine uZiphozonke Maphisa nowesihlanu uFisokuhle Ntuli.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Isigameko esenzeke ngesikhathi sekhefu, siqoshwe kwi-video ngabezindaba abacoshela ukuqulwa kwecala. Kuthiwa isidumo sisuke emuva kokuthi ujele ethe abamangalelwa abahlale kahle.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe bayazi ngesigameko futhi uKhomishana wamaJele kuzwelonke, uMnuz Makgothi Thobakgale, ucikeke kakhulu ngesenzo sabamangalelwa.
“UKhomishana usigxeke kakhulu lesi senzo sabamangalelwa abatholane phezulu nomsebenzi wethu phakathi enkantolo ngesikhathi kuqulwa icala lokufa kukaSenzo Meyiwa,’’ kusho uNxumalo.
Bekubuywa ekhefini lokuqala letiye ngesikhathi kuvela umbiko ngesigameko. UMshushisi u-Advocate George Baloyi, ubikele inkantolo ukuthi abamangalelwa badumelane iziswambithi nomunye wojele.
UNxumalo uthe lokhu okwenziwe abamangalelwa, kukhombise ukungahloniphi okuyisimanga futhi ngeke kuphele kanjalo, kuzothathwa izinyathelo ezifanele.
“Ukwedelela okunje ngeke kubekezelelwe futhi umnyango uyaphenya ngalesi sigameko. Abasebenzi bethu uma bephelezela iziboshwa basuke bemele uMbuso. Abasebenzi banomthwalo wokubheka sonke isimo, baqinise ukuphepha kwalabo abasuke beseduze ngalesi sikhathi,’’ kubeka uNxumalo.
Uthe uma iziboshwa zinezikhalo ziyazazi izindlela zokuveza ukungenami kwazo, hhayi ukugcwanekela abasebenzi abasuke bezihambisa.
“Uma abamangalelwa behluwa wukuziphatha ngendlela kusuke kufanele kuthathwe izinyathelo ngaphandle kokucucuza. Laba bamangalelwa bagwetshelwe amanye amacala yingakho kufanele bahanjiswe yizisebenzi zomnyango wethu,’’ kusho uNxumalo.
IJaji Ratha Makgoathleng, emuva kokuphenya ngesigameko, lixwayise abamangalelwa ukuba baziphathise okwabantu abadala. Lagcizelela ukuthi ojele banomthwalo wokwenza umsebenzi wabo.
Bekungaqali ukuthi kukhalwe ngokuziphatha kubamangalelwa. NgoSepthemba nonyaka, uNtuli ongummangalelwa wesihlanu, wacashunwa yikhamera ekhuluma ngezandla, esabisa uConstable Sizwe Zungu owayesebhokisini efakaza. Izenzo zakhe zazibukeka sengathi usongela uZungu ngokumyisa kwagoqanyawo.
Abantu abalandela icala baphawule ngalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana, bebeka imibono yabo ehlukene. USibongile Kubheka uthe lokhu kuzodala ukuthi kuqiniswe ezokuphepha, baboshwe ngamaketango.
“Mina ngiyanizwa nithi benze kahle kodwa mina ngidabukela bona manje ngoba uma beza enkantolo sebezoboshwa ezandleni nasezinyaweni. Bazothi banempi bayabashaya kungcono bababophe, bekumele babekezele kuningi esebedlule kukho sekuseduze phambili.”
UMsuthu kaMsuthu uthe kudlalwa ngabo abamangalelwa.
“Ubebafunani kanti bona abamangalelwa, kumele bengakhululeki yini nangekhefu? Kudlalwa ngabo ubeze ethi abahlale kahle kuyikhefu nje ngoba yini? Kufanele bengazeluli yini bona ngoba neziboshwa nazo zingabantu njengawowonke umuntu,’’ kusho uMsuthu kaMsuthu.
Kulindeleke ukuthi icala liqhubeke namuhla kufakaze uBrigadier Bongani Gininda ohola ithimba labaphenyi.