SEHLE ngo-10 000 isibalo sabafundi abaduduliwe abazobhala u-matric kulo nyaka.
Bangu-60 404 abafundi abadudulelwe kwa-matric besuka kwaGrade 11 nyakenye abazobhala ekubeni nyakenye babengu-70 565.
IKwaZulu-Natal ilele isibili ngesibalo esiphezulu kuzwelonke sabafundi abaduduliwe.
ILimpopo yisona sifundazwe esizihola phambili ngabafundi abangu-15 515 kulandele iKZN ngabangu-13 905.
UMqondisi wezivivinyo eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uNksz Priscilla Ogunbanjo, uthe sehlile isibalo sabafundi abaduduliwe abazobhala.
UDkt Barney Mthembu, iBamba leNhloko yoMnyango wezeMfundo esifundazweni, uthe maningi amathuba abanawo abafundi abaduduliwe njengoba bengasabhali izifundo ezimbalwa, ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo.
Phambili uthe bebekhetha ukubhala ezimbalwa bese ngonyaka olandelayo babhale ezinye ezisele.
“Manje wonke umfundi, oduduliwe noma ongaduduliwe, ubhala zonke izifundo zakhe kwa-matric. Uma engenzi kahle, ubhala ezokuchibiyela ngoJuni ngonyaka olandelayo, uma kuwukuthi akenzanga kahle futhi aphinde abhale ngoNovemba. Ngakho abafundi abangenzanga kahle banawo amathuba okuthi babuye babhale.”
UNksz Ogunbanjo umemezele nokuthi sandile isibalo sabafundi ababhala izifundo ezehlukene njengoba bebaningi abazobhala kulo nyaka.
IMaths Literacy iyona enabafundi abaningi ababhala lesi sifundo kulo nyaka uma uqhathanisa neMaths.
Kuzokhumbuleka ukuthi umfundi kumele akhethe esisodwa salezi zifundo kusuka kwaGrade 10.
Bangu-454 630 abafundi abazobhala iMaths Literacy kulo nyaka, babe ngu-241 013 abazobhala iMaths.
UMthembu uthe esifundazweni bangu-112 965 ababhala iMaths Literacy kuthi abangu-66 353 babhale iMaths.
“Esinye isizathu esingenza ukuthi abafundi bakhethe iMaths Literacy kune-Maths wukuthi awusadingi ukuthi wenze iMaths neSayensi noma iMaths ne-Accounting kodwa usungayenza iMaths Literacy ne-Accounting noma neSayensi kuye ngokuthi ufuna ukwenza ziphi iziqu enyuvesi. Okunye ngukuthi abanye othisha bagqugquzela abafundi ukuthi benze iMaths Literacy ukuze libe phezulu izinga lokuphasa.”
Uthe kulesi sifundazwe kunabafundi asebenza iTechnical Maths noma bengebaningi kangako.
Esinye isifundo esinesibalo esiphezulu sababhalayo kuzwelonke yiGeography ngabangu-369 457 neLife Science ngabangu-395 902.