INKULUMO yeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini iwashiye ekhuluma ngezwi elilodwa amaqembu abangayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Amaqembu ameleleke esiShayamthetho ancome inkulumo yeSilo, athi ithinte amaphuzu asemqoka.
INdlulamithi yamakhosi yethule inkulumo yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo, lapho ikhulume khona ngobugebengu, inhlupheko, ezokuvakasha nokunye.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, ongusihlalo we-IFP esifundazweni, uMnuz Thami Ntuli uthe bazohlale bezihlonipha iziyalo zoNgangazwe lakhe.
“Bayede, kuyasithokozisa ukuthi ngaso sonke isikhathi uma kuvulwa isiShayamthetho iSilo sibeka eceleni esisuke sikwenza, size sizokhuluma nathi. ISilo siwuphawu lokuthula noxolo. Yingakho kusijabulisa ukuba iSilo sibe phakathi kwethu. Njengamalungu esiShayamthetho sizimisele ukulandela iziyalo zoNgangazwe.”
UNtuli uthe nabo iyabakhathaza eyobugebengu obudlangile, okungelinye lamaphuzu iSilo esigxile kakhulu kuwo ngesikhathi sethula inkulumo.
“Sixoxile kakhulu ngale ndaba ngesikhathi kunomhlangano weKhabhinethi, iLekgotla. Sizosebenzisana namaphoyisa ukuqhamuka namasu okubhekana nale nkinga. Njengoba sizokuba nengqungquthela yokubhunga ngobugebengu, sizoxoxa ngokuvikelwa koNdabezitha namakhansela.”
UMphathiswa wezokuThutha, ongusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe nakuba inkulumo yeSilo ibe mfishane, ikwazile ukuthinta zonke izihloko ezisemqoka.
“Kusijabulisile ukuthi iSilo sithinte konke okubalulekile. Manje kufanele abantu baKwaZulu-Natal babumbane ukuze kuzofezeka izifiso zeSilo.”
UMphathiswa wezeZimali, ongumholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe kubajabulisile ukuzwa iSilo sikhuluma ngezokuvakasha.
“Ngicabanga ukuthi sithe ukulala kancane lapha KwaZulu-Natal uma kuziwa kwezokuvakasha. Kufanele engabe sisebenzisa ukuba nomlando ocebile njengesifundazwe ukuheha abavakashi. Lena yinto engizoyigqugquzela emihlanganweni yeKhabhinethi ukuba siyenze.”
Okhulumela i-MK esiShayamthetho, uMnuz Emacous Mbatha, uthe njengeqembu elihlonipha ubukhosi, bazosebenzisana neNdlulamithi ukuxazulula izinkinga ezibhekene nesifundazwe.
“Izinto ezibalulwe oNgangazwe lakhe zidinga ukuthi wonke amaqembu asebenze ndawonye. Kuyajabulisa ukuthi kulo hulumeni omusha uqhubeke umkhuba wokuthi iSilo sinikwe ithuba lokuthi sikhulume nathi. Njenge-MK siyabuhlonipha ubukhosi, yingakho lapha esiShayamthetho siholwa yinkosi (Phathisizwe) Chiliza.”
Namhlanje uNtuli uzokwethula umhlahlandlela wesifundazwe, khona esiShayamthetho sesifundazwe.