BATUSA ubuhlakani bukaMengameli Cyril Ramaphosa, bokuvala imilomo yabaholi bamaqembu ahlukene, nokubabekela ugibe lokuthi bazikhunge bona eminyangweni ehlukene abajube kuyona.
Sisesikhulu isikhalo ngesibalo seKhabhinethi entsha, edidiyele amaqembu angu-11 akuhulumeni wobumbano njengoba inamalungu angu-75. Ongqongqoshe bangu-32 kuthi amaphini ongqongqoshe abengu-43.
Abavoti yibona abakhonjwa ngenjumbane ngokuthi ukube bavotele iqembu elilodwa eliphethe uhulumeni, ngabe sincishisiwe isibalo seKhabhinethi ngoba izodla ngaphezu kukaR1 billion ngonyaka.
Umhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uMnuz Zakhele Ndlovu, uncome uRamaphosa ngokujuba abaholi bamaqembu eminyangweni abebehlale bekhalaza ngayo bengakabi yingxenye kahulumeni.
Ufake umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen emnyangweni wezoLimo, oweFreedom Front Plus uDkt Pieter Groenewald emnyangweni wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, umholi we-PAC uMnuz Mzwanele Nyhontso umjube emnyangweni wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, kwathi umholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa wamthuma emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Umholi wePatriotic Alliance uMnuz Gayton McKenzie umfake emnyangweni wezeMidlalo.
Ujube nePhini likamengameli we-IFP Inkosi Mzamo Buthelezi, emnyangweni weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, kwathi uNksz Siviwe Gwarube obenguSotswebhu we-DA ePhalamende wamjuba emnyangweni weMfundo eyisiSekelo.
Umholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa ujutshwe njengePhini likaNgqongqoshe emnyangweni wezokuVikela.
Kuyaziwa ukuthi i-DA ibihlale igxeka uhulumeni ngezithinta ezemfundo, kusuka odabeni lwezinkinga zezindlu zangasese zemigodi ezikoleni, abafundi abangakuqondi abakufundayo, izinga eliphezulu labafundi abashiya phakathi isikole nezinye. Kwezolimo leli qembu lihlale likhala ngokuthi kumele kubhekelelwe abalimi.
IPAC isekhaleni lokuthi umhlaba ubuyiswe ngaphandle kwesinxephezelo kanti i-FF Plus, yona ike yaphakamisa ukuthi kubuyiswe isigwebo sentambo kuleli.
UNdlovu uthe:“Ubacuphele umgoga abaholi ngokuthi abafake eminyangweni enezinselelo. Ngeke bakhale kumuntu uma sebengenzi mehluko ngoba abazokwazi ukwenza noma yikanjani eminyangweni abayiphethe,” kusho uNdlovu.
UNdlovu uthe ongqongqoshe bamaqembu ahlukene akaboni kukhona imigomo yamaqembu abo, abazoyiphusha kuhulumeni wobumbano.
“Imigomo ezolandelwa izohlanganisa uhulumeni wobumbano, hhayi iqembu elilodwa. Ngakho akukho okuzobe kuphuma emaqenjini esingakubona kuphuma eminyangweni ephethwe abanye ongqongqoshe okungebona abe-ANC,” kuqhuba uNdlovu.
UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, useyalele ozakwabo kwiKhabhinethi ukuthi babambe amatomu, bangaphefumuli ngezinto abazozenza eminyangweni yabo ngoba umkhombandlela ozolandelwa uzokhishwa nguRamaphosa.
Le migomo izokhishwa ngelizayo emhlanganweni weKhabhinethi Lekgotla, ohlanganisa bonke ongqongqoshe, amaphini abo nabaqondisi jikelele.
Emuva komhlangano uRamaphosa uzokwenekela izwe ngomkhombandlela ozolandelwa nguhulumeni kule minyaka emihlanu ezayo uma sekuvulwa ngokusemthethweni iPhalamende.
Kuzocashunwa imigomo yamaqembu ahlukene ayingxenye yohulumeni wobumbano, ezoyisa izwe phambili futhi ehambisana nemigomo yokuthuthukisa izwe, iNational Development Plan (NDP).
“Alikho iqembu okuzothi uma sekuphasiswe le migomo bese kuba elayo. Kuzoba ekahulumeni, ihlanganise wonke amaqembu angu-11 ayingxenye kahulumeni. Lokhu kusho ukuthi akekho ungqongqoshe ozophusha imigomo yeqembu lakhe kodwa imigomo ezophushwa ngekahulumeni,” kuchaza uNksz Ntshavheni.
Uveze ukuthi amaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano, uma esevumelene ngemigomo ngeke esakwazi ukuyigxeka.
“Amaqembu aphikisayo yiMK ne-EFF kanjalo namanye angekho kuhulumeni wobumbano. Amaqembu akuhulumeni wobumbano, yiwona aphethe uhulumeni.”
Mayelana nabakhala ngokwanda kwesibalo seKhabhinethi ekubeni bekunezinhlelo zokuyinciphisa, uNksz Ntshavheni, uthe abavoti yibona abadale lesi simo.
“Ukube abavoti bavotela iqembu elilodwa ukuba libuse uhulumeni, ngabe ayibanga khona le nkinga. URamaphosa wayehlele ukunciphisa isibalo seKhabhinethi kodwa ngenxa yokuthi iqembu lakhe alitholanga amavoti enele okuthi akwazi ukwenza lokhu, leli phupho alizange lifezeke.”
Kukhona nalabo abangaboni lo hulumeni wobumbano kuphela ihlandla lawo ngo-2029, usabumbene.
UNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe abanankinga nabazophuma kulo hulumeni.
“Silindele ukuthi kukhona abazophuma kodwa kukhona abazongena babe yingxenye kahulumeni omusha. Abahambe abahambayo, sizosala siyincenga,” kugcizelela uMbalula.