YIZE amaqembu ezepolitiki esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ekuncomile ukwenyusa kwesabelo sendlunkulu, azwakalise ukukhathazeka ngokwehluleka komnyango obhekelele izindaba zasendlunkulu iZulu Royal Household Trust (ZRHT), ukuzimela.
Amalungu esiShayamthetho athe iZRHT iyaqhubeka nokwehluleka ukwenza into eyayisungulelwa, okungukwenza imali.
Lamalungu athe kuyakhathaza ukuthi kuze kube manje iZRHT yethembela ezimalini ezinikezwa uhulumeni ukuze ikwazi ukwenza umsebenzi wayo.
Anxuse ukuba kuthathwe izinyathelo ezifanele ukuze kulungiswe lesisimo.
Akusho lokhu ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano elandele isabelosezimali sehhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal, esethulwe izolo esiShayamthetho sesifundazwe.
Esabelweni sezimali esethulwe nguNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, iZRHT yabelwe uR79 million. Ngonyaka odlule umnyango wabelwe uR67 million.
Yisabelo sokuqala esitholwa yindlunkulu kusukela kwagcotshwa iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UNkk Dube-Ncube uthe ihhovisi lakhe lizoqhubeka nokweseka iSilo nendlunkulu kaZulu.
Ubeke kanje uNdunankulu: “I-ZRHT yaxhasa umcimbi wokugcotshwa kweSilo nowokudluliselwa kwesitifiketi seSilo futhi ixhasa imicimbi yaminyaka yonke eyenziwa iSilo.”
Usihlalo wekomiti elibhekelele ihhovisi likandunakulu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNkk Celiwe Madlopha, uthe bakhathazekile ngokwehluleka kweZRHT ukuzenzela imali.
UNkk Madlopha uphawule kanje:“Ngonyaka owedlule satshelwa ukuthi iZRHT inezinhlelo zokwenza imali. Ayikho into ebambekayo ekhombisa ukuthi iZRHT yenza imali. Sinxusa ihhovisi likandunankulu ukuthi likuqaphe ukusebenza kweZRHT.”
Ilungu le-EFF, uNksz Hlengiwe Chiliza, linxuse ukuthi kube nezinyathelo ezithathwayo uma iZRHT iqhubeka nokwehluleka ukuzimela.
“Inhlosongqangi yokusungulwa kwayo kwakungukuthi izimele. Labo abahlulekayo kufanele bathathelwe izinyathelo,” kusho uNksz Chiliza.
UNksz Chiliza ubuye wafuna ukwazi ukuthi ngabe uhulumeni wesifundazwe unazo yini izinhlelo zokwakha isigodlo seSilo esisesihlalweni?
Oyilungu leDA uNksz Elma Rabe, uthe sekunesikhathi eside kuthiwa iZRHT inezinhlelo zokwakha imali kodwa imiphumela ayibonakali. Amanye amalungu ancome ukwenyuswa kwesabelozimali.
Ilungu le-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, lithe kubalulekile ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal, aqhubeke nokweseka indlunkulu. Uzwakalise ukukhathazeka ngokuhoxiswa kwamaphoyisa ezigodlweni.
Ilungu le-ANC, uMnuz Mpumelelo Zulu, lisichaze njengengqophamlando isabelo sayizolo.
“Lesi yisabelo sokuqala ngemva kokugcotshwa kweSilo. Abantu baKwaZulu-Natal bazokujabulela ukuzwa ukuthi lohulumeni uyaqhubeka nokweseka iSilo.”
UNkk Dube-Ncube uthe ikhona imizamo yokulungisa isimo seZRHT.