UTHWALE kanzima evika zimnetha okhulumela i-DA kuzwelonke, uMnuz Solly Malatsi, ngesikhathi bejijimeza ngesikhangiso sokushiswa kwefulegi lezwe. UMalatsi ubeyingxenye yezihambeli ebezithamele inkulumompikiswano yokhetho e-Unisa ophikweni lwayo eMeckleneuk, ePitoli.
Inkulumompikiswano iyingxenye yezingxoxo ezihlose ukuqinisekisa ukuthi kunomuzwa wokhetho olulindwe ngabomvu oluzoba ngoMeyi 29.
UMalatsi uqale wajijimezwa ngumphathi wohlelo uSolwazi uJJ Tabane, emnika ithuba lokubeka amazwi okuvula. UTabane uthe uMalatsi akachaze ngodaba lokushiswa kwefulegi, kwacaca ukuthi umdudulele esizibeni esinengwenya.
Muva nje, kusuke uthuli lwezichwe ezweni emuva kokuthi i-DA ikhiphe isikhangiso sokhetho lapho kushiswa ifulegi lezwe. Isikhangiso bekufanele singene kuthelevishini kodwa sachithwa. UMalatsi uhlangabezane nezimbila zithutha ngodaba.
UMalatsi uncome uTabane ngokuthinta udaba kodwa kwabonakala ukuthi luvukuze abaningi abebethamele. Kube nokuhhomuzela kwezitshudeni ebezigcwele zithamele inkulumompikiswano. UMalatsi ugcine esethi kwakuyisingathekiso nje, babengaqondile okubi.
“Kwakuyinto nje yokwenza umzekelo. Ngiyacela JJ ungaholeli abantu ophathe ufundile kakhulu uyakwazi ukuqonda kabanzi lolu daba. Bekuyindlela yokuzwakalisa isikhalo ngokuphathwa kwezwe,’’ kusho uMalatsi ezama ukuphesha.
UTabane akagudlukanga, umphoqile ukuthi achaze kabanzi emsola ngokugwegwesa kakhulu esikhundleni sokuhlala odabeni. UTabane uthe uMalatsi kufanele achaze ukuthi i-DA isamile yini ekutheni ifulegi bekufanele lishiswe.
USolwazi Tabane uqhubekile ejijimeza uMalatsi embuza ukuthi kungani into ehlangisa izwe njengefulegi bengayihloniphi beyiDA. UMalatsi uthe esanake lokho kwangena esinye isihambeli samjijimeza.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, ukhwele wadilika kuMalatsi neDA yakhe ngolwefulegi.
“Kwamanye amazwe ukushisa ifulegi kuyicala elibomvu ungagqunywa ejele. I-DA nje into eyaziyo wukuphikisa imigomo yoguquko. Uboke ubuke nalapho iphethe khona nje, ichitha yonke imigomo evuna abamnyama,’’ kusho uNkk Motsiri.
Amanye amaqembu abekhona bekuyiBOSA, EFF neRise Mzansi abebemelwe ngabaholi bawo.