Ihhovisi likaNdunankulu waseKZN lithi nakanjani liyoshona elanamuhla esegcotshiwe ngokuphelele ozohola uhulumeni wesifundazwe.
Okhulumela uhulumeni wesifundazwe, uMnuz Bongi Gwala, uthe konke sekumi ngomumo, sebephothule wonke amalungiselelo. UGwala ubekhuluma ephuma emhlanganweni nabezokuphepha.
Kulindelekele ukuthi uMnuz Thami Ntuli agcotshwe njengoNdunankulu wesifundazwe emcimbini ozoba senkundleni iWoodburn, eMgungundlovu.
“Konke sekumi ngomumo sikhona nje la endaweni yomcimbi ingqalasizinda ikhona, abezokuphepha bakhona nabobonke abasebenzi bakahulumeni benza umsebenzi wabo ngendlela,’’ kusho uGwala.
UNtuli ungena ezinyathelweni zikaNkk Nomusa Dube-Ncube obe nguNdunankulu wokuqala wesifazane ukuphatha isifundazwe iKZN. UGwala uthe kulindeleke ukuthi uNdunankulu afungiswe, uma eqeda sekuyoba kuyena ukuthi wenzanjani maqondana nokuqokwa kwabaphathiswa esifundazweni.
UGwala uthe uhulumeni umeme izicukuthwane ezehlukene ezizothamela lo mcimbi futhi noNdunankulu uyazimemela ngokwakhe ngoba kusuke kuwusuku lwakhe.
UNtuli onguSihlalo we-IFP eKZN ukhethelwe kwesikaNdunankulu ngoLwesihlanu emcimbini weSishayamthetho ebesihlala okokuqala emuva kokhetho.
UNtuli udabuka eVumanhlamvu, eNkandla, kanti uke waba yimeya yakhona. Ukhethwa nje, kade eseyimeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo eRichards Bay.
UNtuli uqokwe yi-IFP ngaphambi kokhetho yathi wuyena ezogadla ngaye kwesikaNdunankulu wesifundazwe. I-IFP ingene kuhulumeni wobumbano ne-ANC,DA neNFP.
I-IFP ingene ngezihlalo ezingu-15 yalandelwa yi-ANC ngezingu-14 kulandele i-DA ngezihlao ezingu-11. I-NFP yona ithole isihlalo esisodwa okuyisona esinqume ngohulumeni wesifundazwe.
I-MK ne-EFF bazithole besele ngaphandle ngesikhathi kubunjwa uhulumeni wesifundazwe. I-MK yiyona enezihlalo eziningi ezingu-37 bese i-EFF iba nezimbili.
I-ANC ebiphethe uhulumeni yehluleke yancama wukubuyela emandleni esifundazweni njengoba ilahlekelwe amavoti amaningi okhethweni obelushubile.