AMAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal athi alindele ukuba athole incazelo egcwele ngokukhokhwa kwesikweletu sezinduna uma uNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni, esethula isabelozimali sesifundazwe kusasa.
USihlalo we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Siboniso Duma, noNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, basanda kumemezela ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzoqala kulo nyaka ukukhokha isikweletu sezigidi zamaRandi semiholo, izinduna zaseKZN ezingazange ziyihole phakathi kuka-2013 no-2016. Ngokusho kwabo le mali izoqhamuka kuhulumeni kazwelonke.]Ngeledlule uNkk Dube-Ncube utshele abezindaba ukuthi akakwazi ukusho ukuthi yimalini abayabelwe wuhulumeni kazwelonke, kuze kube uNkk Nkonyeni wethula isabelozimali.
Amaqembu aphikisayo, i-IFP neDA athe alindele ukuthi uNkk Nkonyeni eze nemininingwane ephelele kusasa.Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe akukho asebeke bakwaziswa ngokukhokhwa kwesikweletu.
“Ngilindele ukuzwa ukuthi ungqongqoshe uzothini.”-
Ngale kwalokho uHlabisa uthe ulindele ukuthi kubhekelwe kakhulu uMnyango wezeMfundo, wezeMpilo, wezokuThutha nowezokuThuthukiswa koMnotho uma sekwabiwa imali.
UHlabisa uthe uMnyango wezeMfundo usunesikhathi eside udonsa kanzima ngakwezemali.
“Uma lo Mnyango ungabonelelwa kangcono, kungenzeka omkhulu umehluko emfundweni yezingane zasesifundazweni.”
UHlabisa uthe inkinga yemali kulo Mnyango yenza ukuthi abafundi abafanele ukunikezelwa ngezokuthutha bagcine bengalutholi usizo.Uthe bafuna ukuthi uMnyango wezokuThutha uthole isabelo esingcono ukuze ukwazi ukulungisa imigwaqo yesifundazwe engemihle namabhuloho.
Umholi weDA esiShayamthetho, uMnuz Francios Rodgers, uthe bamagange ukuzwa ngodaba lokukhokhwa kwesikweletu sezinduna. URodgers ubuze ukuthi kungani isimemezelo sokuthi le mali izokhokhwa senziwe ngaphambi kokuthi uNkk Nkonyeni ethule isabelozimali?
Uthe lokhu bekungafanele kwenzeke.
URodgers uthe balindele nokuthi uNkk Nkonyeni acacise ukuthi uMnyango wakhe uzokunqanda kanjani ukubhubhudlwa kwemali yomphakathi.
Uthe isifundazwe sibhekene nenkinga yemali njengoba isisetshenziswe yonke imali ebekelwe izinhlekelele.
Kuzobe kungokokuqala uNkk Nkonyeni ethula isabelozimali sesifundazwe kusukela eqokelwe esikhundleni.