IYAQONGA ingcindezi kuMengameli Cyril Ramaphosa, yokuthi uqale usebenze umthetho wezikole iBela awusayina, okunemvunge ngawo kuleli.
Lokhu kulandela yikhwelo elivela ezinhlakeni ezehlukene zokuthi kungapholiswa maseko kodwa uqale ukusebenza njengoba awusayina lo mthetho.
Abanye abaholi be-ANC neSACP okubalwa nezinhlangano zomphakathi okuhlanganisa nenyunyana yothisha iSadtu, ziyalele uRamaphosa ukuthi aqinisekise ukuthi umthetho uyasebenza njengoba unjalo ngenxa yokuthi sekubalwa izinsuku kufike umnqamulajuqu ngezigatshana ezimbili, azimisa ukuthi ziqale ukusebenza.
UNobhala Jikelele we-Sadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe njengoba umnqamulajuqu usungoLwesihlanu ngoDisemba 13, kumele lo mthetho uqhubeke ngoba wasayinwa. Uthe bamthumele incwadi uRamaphosa bemazisa ngesicelo.
“Uma uRamaphosa engahambisani nalokhu, siyophoqeleka ukuthi siye enkantolo noma sibhikishe. Kwalandelwa yonke imigudu kuphasiswa lo mthetho ngaphandle kokuba kube nezikhalazo ezinkantolo,” kusho uMaluleke.
Uthe bakholwa ngukuthi ukumiswa kwalezi zigatshana kwenziwa ngenxa yokuchithwa kwazo nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, neqembu lakhe i-DA.
UMaluleke uthe bayasichitha isivumelwano esenziwe nguNksz Gwarube, neSolidarity eNedlac.
Umholi we-ANC eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, unxuse uRamaphosa ukuthi aqinisekise ukuthi umthetho usebenza njengoba unjalo.
UNksz Gwarube, ekhuluma neNewzroom Afrika, uthe uyaqhubeka nomsebenzi wakhe wathi umthetho uzosebenza njengoba wasayinwa.
“Ngiyaqhubeka nomsebenzi wami kanti kuningi okusangihlalele ukuthi ngikwenze emnyangweni. Akekho ochitha ukusebenza komthetho, nezethulo ngizenzile kuMengameli, sekulele kuyena ukuthi anqume,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe isivumelwano neSolidarity asinamthelela ekutheni umthetho usebenze.
I-DA isabise ngokuthi kuzoqhuma nhlamvana uma eke wakhonjwa indlela uNksz Gwarube.
Phambilini uRamaphosa wathi uma kuphela le nyanga kungekho sivumelwano mayelana nezigatshana ezimbili, u-4 no-5, lo mthetho uzosebenza njengoba unjalo.
Wathi wamisa ukuthi lezi zigatshana ziqale ukusebenza ngoba wayefuna kubhungwe ngazo.
Kwajutshwa ithimba elihlanganisa amaqembu ahlukene akuhulumeni wokubambisana, ukuthi abheke izinkinga nezikhalo ezithinta umthetho.
UNksz Gwarube ukuchithile ukuthi ngalezi zigatshana, kuhloswe ukuvimba abafundi abamnyama ukuthi bafunde ezikoleni zabamhlophe.
“UMthethosisekelo awuvumi ukuthi kuvinjwe uhlanga oluthile ukufunda noma yikuphi. Ngeke mina neqembu lami i-DA, sihambisane nezinto eziphambana nomthethosisekelo wezwe,” kugcizelela uNksz Gwarube.
UNksz Gwarube uwuncomile lo mthetho wathi uza nezinguquko ezibalulekile kwezemfundo.
Ezinye zazo zithinta ukuthi uGrade R ube yimpoqo, nokuthi baboshwe labo abasasebenzisa induku okuneminyaka yavalwa ezikoleni.