AMAQEMBU ezepolitiki akwemukele ukujutshwa kophiko olulwa nenkohlakalo, iSpecial Investigating Unit (SIU), ukuba iphenye izinsolo zenkohlakalo ehhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal.
Uphenyo lweSIU oluzobheka ukuqokwa kwezinkampani ihhovisi likandunankulu, lugunyazwe umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Ngokusho kokhulumela i-SIU, uMnuz Kaizer Kganyago, uphenyo lwabo luzobheka ukuqokwa kwezinkampani ebezilekelela uhulumeni wesifundazwe ezinhlelweni zentuthuko njenge-Operation Sukuma Sakhe neLuwamba Wellness Center.
I-SIU izophenya izinsolo zenkohlakalo ezisukela ku-2007. Ondunankulu abaphathe ngalesi sikhathi nguMnuz Sibusiso Ndebele, Dkt Zweli Mkhize, oMnuz Senzo Mchunu, Willies Mchunu, Sihle Zikalala, njengoba sekuphethe uNkk Nomusa Dube-Ncube.
UKganyago uthe bazobheka ukuthi akubanga khona yini ukuphulwa kwemithetho ngesikhathi kuqokwa izinkampani.
“Uphenyo luzobheka ukuthi abubanga yini khona ubudedengu obaholela ekumoshweni kwezimali. Sinawo amandla okuphoqa abahlomula ngendlela engekho emthethweni ukuba bakhokhe.”
Amaqembu aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal athe kade ayekhala ngenkohlakalo eqhubeka ehhovisi likandunankulu wesifundazwe.
USotswebhu we-IFP esiShayamthetho, uMnuz Blessed Gwala, uthe banethemba lokuthi uphenyo luzoveza obala izinto abahlezi bekhala ngazo.
“Akuzange kusethuse ukuthi kujutshwe iSIU ukuba iphenye izenzo zenkohlakalo ehhovisi likandunankulu. Kusukela kwaphuma i-IFP emandleni, ziyabhubhudlwa izimali ehhovisi likandunankulu.”
UGwala uthe okubakhathaza kakhulu wukuthi akekho owathathelwa izinyathelo ngokungahambi ngendlela kwezinto eLuwamba Wellness Center.
“Sekuyinto ejwayelekile nje ukuthi abantu ababhubhudla izimali zomphakathi bangathathelwa izinyathelo ehhovisi likandunankulu.”
UGwala uthe bafuna nokuthi kukhishwe eminye imibiko ebiphenya izenzo zenkohlakalo kuhulumeni waKwaZulu-Natal, athe kukhona kuyo nombiko omayelana nokunyamalala kukaR200 million wesomiso.
Umholi weDA esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe kade basho ukuthi izinto zonakele ehhovisi likandunankulu.
“Yihhovisi elikhulu esifundazweni ihhovisi likandunankulu, ngakho kufanele libe yisibonelo esihle kweminye iminyango kahulumeni wesifundazwe kodwa ngeshwa lokhu akwenzeki.”
UNkk Dube-Ncube uthe bazobambisana nophenyo lweSIU.
“Sizibophezele ekuholeni uhulumeni ophendulayo uma kunemibuzo. Sizibophezele ekusebenzeni nezinhlaka zoMbuso. Abantu baKwaZulu-Natal kufanele bazi ukuthi sizophendula kukho konke okufanele siphendule kukhona.”
Khona manjalo uNkk Dube-Ncube ushayela ihlombe izikhulu zehhovisi lakhe ngokuthola umbiko womcwaningi-mabhuku ongenagcobho.
Uthe lo mbiko ukhombisa ngokusobala ukuthi ihhovisi lakhe lizimisele ngokulandela imigomo.