UMPHAKATHI wasoGunjini, eNdwedwe, uthandazele ibhuloho osekuphele iminyaka lingapheli, ufisa umsebenzi wokulakha usheshe njengoba sekuzoqala imvula yasehlobo.
Ibhuloho elibizwa nge-P713 lisoGunjini, eNdwedwe, kanti uma seliqediwe lizohlanganisa umgwaqo osuka esiteshini samaphoyisa eNdwedwe udlule esibhedlela oSindisweni, uze uyongena eVerulam.
Ngempelasonto, kube nenkonzo yokukhulekela asebashona ngenxa yezingozi nezimpi ezenzeka eduze kwaleli bhuloho. Kubuye kwakhulekelwa nokuthi inkontileka ekhona - kulokhu - iwuqede umsebenzi njengoba eyasekuqaleni yashiya ingaliqedanga.
Ngokusho kukaMshumayeli uBhekizitha Phewa wethempeli lamaNazaretha iSinothando, ibhuloho kwakufanele lilunge ngo-1987, kodwa akwenzekanga lokho.
Uveze ukuthi kwakhiwa ibhuloho lesikhashana nalo elagcina lihambe nezikhukhula kwaze kwamuka nabantu.
Uthe ngokwesibonakaliso sikaMnuz Hlala Mkhize, kufanele kube nomsebenzi wokuhlambulula amanzi ngoba abantu abamuka ebhulohweni lesikhashana bagcina bengene emfuleni uMdloti.
UMnuz Zibonele Ngcobo weNdwedwe Development Committee uthe sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 lakhiwa ibhuloho (ebekungelesikhashana).
Uveze ukuthi inkampani yokugcina iqale umsebenzi kodwa yangawuqeda ikhala ngokuthi kuphele imali.
Uthe lena esikhona ifike emuva kokungenelela kukaMnuz Sihle Zikalala, owaqala ukuyithungatha ngesikhathi esewundunankulu waKwaZulu-Natal.
“Ukungabibikho kwebhuloho kuyawuphazamisa umphakathi ngoba amatekisi awasahambi ngapha. Asisakwazi ukuthola amatekisi ayosishiya esibhedlela, sekufanele silibashe ngonyawo. Siyafisa ukuthi umsebenzi wokulakha usheshe njengoba kusazoza nemvula,” kuchaza uNgcobo.
Uthe bahlela enye inkonzo ezohlanganisa nemindeni yabashonelwa nezihlobo, abafisa ukuthi uMnyango wezokuThutha nezinye izinhlaka, zibe yingxenye yayo.