KUKHALWA ngothishanhloko wesikole iGloucester Junior Secondary eGcebeni eMzimkhulu okuthiwa ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke zizinuke izincwadi zesikole izingane ezingawukhokhile uR150, wokuxhasa ezemidlalo kulesi sikole.
Umzali ocele ukuthi lingadalulwa igama lakhe, uthe selokhu zivuliwe izikole, izingane ezehlulekile ukuza nale mali, zifike ziqhomoloze, zibukele eziyikhokhile ziqhubeka nokufunda.
Elandisa, uthe indaba kaR150 iqale nyakenye, emhlanganweni obungo-Okthoba, lapho uthishanhloko enqume khona ukuthi kufanele abazali balesi sikole esingayikhokhi imali yesikole ngokomthetho woMnyango wezeMfundo, babenayo le mali uma zivulwa izikole nonyaka.
“Sazama ukuzikhalela ngelithi okungenani akube uR150 umuzi nomuzi ngoba eminye imizi enezingane eziyisithupha, kuzobasinda ukukhokha uR150 ingane ngayinye. Wala waphetha uthishanhloko, wathi uyazi ukuthi ayikho ingane engayiholi imali yeqolo,” kulandisa umzali.
Uqhube wathi, uthishanhloko waze wasabisa ngokuthi uzobiza abakwaSassa beze esikoleni uma beqhubeka nokunqaba ukuyikhokha le mali.
Umzali uthe kwathi uma esekhuluma kanje uthishanhloko, bavele behlela ngezansi abazali.
Uveze ukuthi sezivulwa izikole, baningi abazali abahlulekile ukufeza umgomo owabekwa uthishanhloko.
“Zajikiswa ke izingane ngosuku lokuqala. Ezalapha ekhaya zajikiswa yize sasiziphathise umyalezo wokuthi sizoyikhokha imali ingakapheli inyanga,” usho kanje.
Uthe zafika ekhaya zathi uthe uthishanhloko okungenani azibuye nencane ngakusasa.
“Sazinika uR20 ingane ngayinye, wazinika ke izincwadi zokufunda, kodwa wazidonsa ngendlebe ethi ungashayi uMashi, imali ingaphelelisiwe,” kwenaba umzali.
Uveze ukuthi ezingakayikhokhi, yize zingasaxoshwa, kodwa azinikiwe izincwadi zokufunda.
“Enye itshele umzali ukuthi banikwe i-homework kodwa alikho i-excercise lapho okumele ibhale khona i-homework eyinikiwe,” kusho umzali.
Uthe iyabakhalisa le nto ngoba uthishanhloko ukhombisa ukungabambisani nabo bengabazali.
Wathi okunye okubamangazayo ukuthi lo R150 kuthiwa awukhokhwe ngisho izingane ezifunda uGrade R.
Uthe bathi uma bebuza ngalokho, uthishanhloko wathi, nazo ziyayikhokha ngoba uma sezisemakilasini athe thuthu, sezizibandakanya nezemidlalo, nazo ziyobe zixhaswa uGrade R oyobe ukhona ngaleso sikhathi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa uthe othishanhloko bezikole okungakhokhwa kuzo imali yesikole akufanele baphoqe abazali ukuthi bakhokhe imali ethize.
“Ukusabisa okuthiwa kwenziwa uthishanhloko akufanele. Ukukhokhwa kwemali ethize ezikoleni okungakhokhwa kuzo, kufanele kwenziwe emhlanganweni wabazali, kube wukuthi kuvunyelwene ngokuphelele,“ kusho uMlotshwa, othe uluthumele ehhovisi lesifunda udaba ukuze lilusukumele.