UKHALA ngokuqolwa umndeni waKwaMashu, onqatshelwa ukungcwaba isidumbu sosana lwawo ngoba ungayikhokhile imali efunwa ngumshayeli we-ambulensi nabasemakhazeni.
Kuthiwa uNksz Nobuhle Ndlovu waKwaMashu, kwaM, obezithwele, kudingeke ukuthi abizelwe i-ambulensi ngesikhathi esikwa, ngesonto eledlule. Ngebhadi i-ambulensi ifike esebelethile kodwa usana lwangaphila. Isidumbu sosana sigcine sithathwe ngumshayeli we-ambulensi, wasiyisa emakhazeni.
Umndeni uthi kuthe usufuna isidumbu, wathola ukuthi usuhlalelwe yisikweletu nokuholele ekutheni umshayeli we-ambulensi agweve nesidumbu sosana njengoba ephoqa umndeni ukuthi ukhokhe uR5 350, ukuze sidluliselwe kuwo bese usingcwaba.
Isolezwe linayo irisidi ethunyelelwe lo mndeni ngabangcwabi iKhathide Funeral Service, okukhona kuyo ne-email kaNksz Precious Kubheka okuthiwa ungumshayeli we-ambulensi othathe isidumbu sosana. Imininingwane ye-email enegama likaNksz Kubheka, ikhombisa ukuthi yize engumshayeli we-ambulensi oqashwe wuMnyango wezeMpilo, uphinde asebenzele abangcwabi.
Kule risidi kubalwe ukuthathwa kwesidumbu ebusuku njengoba kuthiwa isigameko senzeka ebusuku kuyiSonto, ngesonto eledlule, okuthiwa kuyizindleko zikaR1 500. Ukugcina isidumbu emakhazeni khona kuwuR450 ngosuku, njengoba ngesikhathi sokuthunyelwa kwerisidi emndenini, bese sihlale izinsuku ezinhlanu.
Ngakho-ke umndeni bekumele ukhokhe uR2 250 bese kuba wuR1 600 okuthiwa wona uyimali yokulungisa amaphepha.
UNksz Noluthando Mabaso ongubabekazi wosana, uthe ngesikhathi inkosikazi kamfowabo iqala ukusikwa ebusuku, kwabizwa i-ambulensi. Ngenxa yokuthi yayisisikwa kakhulu, i-ambulensi yafika isibelethile kodwa ingane isithule.
“Babiza ubhuti bamgcwalisisa amafomu okuqinisekisa ukuthi bafikile. Owesifazane (uNksz Kubheka) wamnikeza inombolo, wathi uma befuna imoto ezothatha isidumbu sosana, bayishayele ucingo. Kuthe emva kwesikhashana i-ambulensi ihambile, ubhuti washaya ucingo, lwabanjwa ngowesifazane,” usho kanje.
Uthe emva kwesikhashana, kwabuya uNksz Kubheka esehamba ngemoto yohlobo lwe-Avanza, ezothatha isidumbu sosana ngokwazi kwabo esiyisa emakhazeni kahulumeni. Kuthe uma umndeni usufuna isidumbu sosana kwathiwa awukhiphe imali (R5 350), ukuze sidedelwe.
“Asinayo imali engaka. Besazi ukuthi isidumbu sihanjiswa emakhazeni kahulumeni, singazi ukuthi umsebenzi kahulumeni (Nksz Kubheka) usethole ithuba lokwenza imali ngathi. Isidumbu sengane yethu sisifuna kuye ngoba nguyena owasiphica, sengathi ungumuntu oqhamuka nosizo kanti wenzela ibhizinisi lakhe,” kuqhuba uNksz Mabaso.
Emaphepheni athunyelelwe Isolezwe wumndeni, aqinisekisa lapho kusayine khona uNksz Kubheka njengothathe isidumbu sosana esiyisa emakhazeni.
Ethintwa, uvumile ukuthi nguyena owalanda isidumbu futhi yinto ayenza ngesikhathi sakhe ‘setiye’ emsebenzini.
“Uma kuyisikhathi somhlabakhefu, unelungelo lokwenza izinto zakho ngoba kusuke kuyisikhathi sakho. Ngakho ngasebenzisa leso sikhathi ukusiza umndeni ngiwuthathele isidumbu,” usho kanje.
Ngesikhathi eshayelwa ucingo okwesibili, obambe ucingo uthe akasiyena umnikazi wocingo kodwa wayalela intatheli ukuthi ixhumane nomnikazi wenkampani yabangcwabi okuthiwe nguMnuz Veli Shangase. Ucingo lwakhe belungangeni kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhumela uMnyango wezeMpilo KwaZuluNatal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uqinisekise ukuthi iziphathimandla zesikhungo sezempilo emtholampilo iPolly Clinic, KwaMashu, okuyilapho uNksz Kubheka esebenzela khona, ziyaluphenya lolu daba ukuze uma izinsolo ziyiqiniso, umnyango uthathe izinyathelo.