Mbali Khanyile
UMNDENI waseMyunwini, KwaDukuza, ukhala ngobudedengu besibhedlela esiwuzilise kungakashayi isikhathi ngenxa yokufana kwemininingwane yelungu lawo momunye obeshonile.
Lo mndeni othi ufuna ukucaciselwa ukuthi kungani isibhedlela, iGeneral Justice Gizenga Mpanza Regional, sibe nobudedengu? Uthi ufuna abasebenzi balesi sibhedlela balungise inkinga abayiqalile njengoba usunesitifiketi sokufa somuntu ongamazi.
Inkinga yalo mndeni iqale ngoDisemba 22 ngesikhathi kungena uMnuz Ernest Vukani Khuzwayo (49) kulesi sibhedlela exinwe wukugula. Umfowabo omdala uMnuz Bongani Khuzwayo, uthe ngemva kokuthi umfowabo angene esibhedlela, batshelwa ukuthi abavunyelwe ukumvakashela ngoba kutholakale ukuthi uneCovid-19. Umndeni wakaKhuzwayo uthe ubusuhlezi uxhumana nonompilo bakulesi sibhedlela, uzama ukuthola ukuthi kuhamba kanjani ngelungu lawo.
“Thina besilokhu sizitshela ukuthi sixhumana nonompilo abebelapha umfowethu obekuthiwa uneCovid-19 ngenkathi sishayela ucingo egunjini esatshelwa ukuthi ugcinwe kulo. Kuthe uma sesitshelwa ngokushona kwakhe ngoDisemba 29, saqala amalungiselelo okumngcwaba. Ngesikhathi simatasa nawo, sibe sesibona unyaka azalwa ngawo ungafani nhlobo nobubhalwe emaphepheni abequkethe imininingwane yakhe emakhazeni obekugcinwe kuwo isidumbu somlisa ebesingamazi nebesizitshela ukuthi ngumfowethu. Igama nesibongo somuntu ebesitshelwe ukuthi nguye bekufana kodwa iminyaka yehluke kakhulu. Sibe sesisukuma, sizama ukuxhumana nesibhedlela sibuzisisa ngeminyaka esingayazi ebibhalwe ngabantu bamakhaza. Isibhedlela sibe sesicela ukuthi sisinike usuku ukuze sibhekisise ukuthi alikho yini iphutha elenzekile, ngaleso sikhathi kwenzeka konke lokhu, thina sikhanyise amakhandlela ngoba sazi ukuthi sizilele umfowethu,” kuzikhalela uKhuzwayo.
Eqhuba uthe ngesikhathi ziya ngokuqina izinsolo zokuthi banikwe isidumbu okungesiso, banquma ukulandelela esibhedlela ngenhloso yokuthi bacaciseleke. Uthe ngoDisemba 31 bathola ucingo olwalubazisa ukuthi umfowabo usaphila.
“Sibe sesiphuthuma sonke ukuyobheka umfowethu samfica ngempela ephila egunjini ayegcinwe kulo. Saze sasuka esibhedlela ngabo-5 ntambama sesibuyela ekhaya sijabulela ukuthi sifike ephila uVukani (umufi). Kuthe nje sisahlezi, sihlangene sonke ekhaya, kwangena ucingo kumfowethu omdala olwalubika ukuthi useshonile umfowethu esimshiye ephila saka. Kwasiphoqa ukuthi siphinde sikhanyise amakhandlela ayesecishiwe,” kusho uKhuzwayo ngokukhulu ukudangala.
Uthe kuyimanje babamba bayayeka, abazi ukuthi kumele baziqhube kanjani izinhlelo zomngcwabo njengoba bebematasa bezama ukulungisa iphutha elenzekile ngenxa yesidumbu okungesiso esikamfowabo abacishe basingcwatshelwa yinkampani yabangcwabi abebeyikhokhela.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe umnyango ukhathazekile ngezinsolo ezibekiwe futhi uwucelile nombiko ogcwele kubaphathi besibhedlela mayelana nalolu daba. “Siwumnyango sidlulisa ukudabuka kwethu emndenini othintekayo. Ukudlula kwanoma yimuphi umuntu emhlabeni, nganoma iyiphi indlela, kuyinto ebuhlungu. Siyazi ukuthi abaphathi sebeke bahlangana nomndeni lwadingidwa udaba. Yingakho siwunxusa umndeni ukuba uxhumane nabasesibhedlela uma kukhona olunye usizo oludingayo,” kusho uMaphisa.