BAHLEKA bodwa abalimi bomoba kumiswa ukwenyuswa kwentela kashukela ekhuthaza ezempilo, iHealth Promotions Levy (HPL), obekumele inyuke ngo-Ephreli.
UNgqonqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ngesikhathi ethula isabelomali izolo, uthe intela izoma lapho ikhona ngeke yenyuswe njengoba bekulindelekile.
Abatshala umoba bebebona ukuthi le ntela izoshaya kuzwele emkhakheni wabo ovele uthwele kanzima ngenxa yezinselelo ezikhona ezidalwa ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kanye nokuhlasela kwezikhukhula zakamuva.
Usihlalo wenhlangano yabalimi bomoba, uMnuz Andrew Russell, weSA Canegrowers, uthe ukwenyuswa kwentela yezempilo kulo nyaka bekuzoyithwalisa kanzima kakhulu imboni kashukela ngenxa yezinselelo ezinzima ezibhekene nabalimi baseNingizimu Afrika njengamanje, kuphelise nemisebenzi edingeka kakhulu.
"Isinqumo sikangqongqoshe sokugcina intela kashukela isezingeni ekulo manje, eminye iminyaka emibili, kuwukuhlonipha isimo esinzima sokusebenza esibhekene nale mboni. Imboni kulindeleke ukuthi ilahlekelwe uR700 million ngenxa yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, yizinkinga zokugaya umoba ebhekene nazo nomthelela wezikhukhula zakamuva. Ukungenyuswa kwentela bekubaluleke kakhulu kithina," kusho uRussell.
Phambilini uGodongwana wayememezele ukuthi intela kashukela izonyuswa ngoEphreli nyakenye, kwahlehliswa kwathiwa izokwenyuka kulo nyaka njengoba sekuphinde kwamiswa.
URussell uthe lesi sinyathelo basibuka njengegxathu elikhulu lokwakha uzinzo embonini kashukela.Uthe bazosebenzisa lesi sikhathi ukuxoxisana ngale ntela, baphinde basungule izinhlelo ezihlelekile ezingacekeli phansi ezempilo.
UGodongwana uphinde wamemezela ukuthi imali uhulumeni ayinikeza izikhwama zezempilo, ukuze zikwazi ukubhekana nentela, izokwenyuswa okuzohambisana ne-inflation ibe nguR364 ngenyanga, okuzoqala esikhwameni sezempilo esinamalungu amabili bese kuba uR246 ngenyanga welungu ngalinye elengeziwe.
U-R23 billion noR22 billion wabelwe uMnyango wezeMpilo nowezeMfundo eyisiSekelo ukuze ibhekane nokushoda kwemali ngenxa yokwehliswa kwesabelomali sale minyango phambilini, ikwazi futhi nokuthuthukisa ukusebenza kwayo.
Uphinde wathi sesiphasisiwe isabelomali sokwakhiwa kwesibhedlela esinemibhede engu-488 eLimpopo.