I-DA igxeka isinqumo sokuncishiswa kwamanzi ezindaweni ezikuMasipala waseThekwini.
I-DA ithe ukuncishiswa kwamanzi eThekwini kuzophazamisa impilo yezakhamizi zakulo mkhandlu dolobha.
Isinqumo sokuncishiswa kwamanzi simenyezelwe imeya yomkhandlu, uMnuz Cyril Xaba, ngesikhathi ikhuluma emhlanganweni womkhandlu, obuyizolo.
UXaba uthe ukusetshenziswa kakhulu kwamanzi eThekwini okuholele ekutheni bathathe isinqumo sokuwanciphisa.
“Sihlezi sizikhalela kubantu, sikhala ngokuthi amanzi asetshenziswayo angaphezulu kwalawo esiwatholayo. Okudala lokhu ukuthi baningi kakhulu abantu abafudukela edolobheni lethu, kuphinde kube nenkinga yengqalasizinda endala. Le ngqalasizinda yenza ukuthi amapayipi avuze, silahlekelwe amanzi amaningi.”
ITheku lithola amanzi enhlanganweni Umgeni-Thukela Water.
UXaba uthe amanzi abawathenga eMgeni-Thukela Water kufanele anciphe ngo-8.4% ukuze Umgeni-Thukela Water uhlangabezane nombandela welayisensi yawo.
“Kungakho uMnyango wezaManzi unqume ukuthi kuncishiswe amanzi.”
UXaba uthe ukuncishiswa kwamanzi kuzoqala ngo-Okthoba 10, kuzokwenzeka kuze kuphele izinyanga eziwu-12.
“Sifisa ukusho ukuthi sizame konke okusemandleni ukuvimba ukuncishiswa kwamanzi. Sizamile ukubhalela umnyango siwucela ukuthi umise kancane uhlelo lokuncishiswa kwamanzi ukuze siqale uhlelo lokubhekana nesibalo esiphezulu samanzi asilahlekelayo, kodwa ke sikulesi simo esibhekene naso manje.”
UXaba uthe bazoqhamuka nezinhlelo zokunciphisa amanzi alahlekela umkhandlu.
Ikhansela leDA, uNksz Yogis Govender, lithe abantu baseThekwini bafela izono abangazazi.
UNksz Govender uthe sekunesikhathi eside umkhandlu uhluleka ukunciphisa umthamo wamanzi ophelela enhlabathini.
"Uphiko lwezamanzi luhlezi lwenza izethembiso zokulungisa le nkinga. Lolu phiko selusebenzise izigidi zamaRandi luzama ukulwa nale nkinga, kodwa namhlanje silapha.
"Iqiniso ukuthi uphiko lwezamanzi luhlulekile ukulungisa inkinga. Manje bonke abantu baseThekwini sebezoncishiselwa amanzi. Abantu sekufanele bathembele ezimotweni zamanzi."
UNksz Govender uthe ukuncishiswa kwamanzi kungase kuphazamise nokuthuthwa kwendle.
UNksz Govender uthe ziningi iziphakamiso zokuxazulula inkinga yamanzi abazenzile, wakhala ngokuthi zonke zashaywa indiva.
Uyalele umkhandlu ukuba uqhamuke nezinhlelo zokulungisa le nkinga ngokushesha.