BAKHALA ngesikhwama sempesheni esingayikhokhi imali yabo onogada abathola uma sebexoshiwe ukuthi imali yempesheni ibingangeni kwiPrivate Security Sector Provident Fund (PSSPF).
Onogada abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi angadalulwa amagama abo ngoba bafesa kwezinye izinkampani, bathe iPSSPF ayibasizi ngoba nayo ivele ibatshele ukuthi izinkampani bezingayifaki imali yempesheni esikhwameni yize ibidonswa nyanga zonke emholweni wabo.
UMnuz Bheki Dzanibe, onguNobhala weDudula Movement KwaZulu-Natal, uthe kukhona onogada abakhale kubona ngendaba yokungayitholi imali yempesheni.
“Akuyona kuphela imali yempesheni ebanjelwa onogada bese ingafakwa esikhwameni sempesheni kodwa sithole ukuthi babanjelwa ne-UIF kodwa nayo ayidluliselwa eMnyangweni wezemiSebenzi. Siyalulwa lolu daba sesize sathola nommeli ozolusingatha ngoba akekho ofuna ukusiza onogada,” kusho uDzanibe.
Uthe bafuna uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, akhiphe umyalelo wokuthi kuqashwe ngokugcwele onogada abaqaphe izikhungo zikahulumeni kanjalo nalabo abasebenza ukuzihlanza.
“Sifisa kuqale uNtuli aqashe onogada nabahlanza izikhungo zikahulumeni ngokuphelele KwaZulu-Natal, ngoba ukusebenzela izinkampani ezithola amathenda kufana nokubaxhaphaza. Abasebenzi abayitholi imihlomulo efanele njengeyempesheni neminye ezoletha isithunzi empilweni yabo. Bahlale beyitoho impilo yabo yonke ngoba abanye sithole ukuthi sebesebenze iminyaka ewu-11 kodwa abanampesheni, abana-UIF yize idonswa emholweni yabo nyanga zonke,” kusho uDzanibe.
Uthe bafuna uhulumeni kazwelonke nawo uqashe abantu ngokugcwele uyeke uhlelo lwamathenda axhaphaza onogada nabahlanza izikhungo zawo.
NgoJulayi 16, Isolezwe liyithintile iPSSPF kwangena umlayezo wekhompyutha othe omunye wabasebenzi uzophendula i-email emuva kwezinsuku ezimbili kodwa kuze kube manje akekho ophendulile.
UNksz Muvhango Lukhaimane oxazulula izinkinga zezimpesheni, uthe izikhalo azitholayo nge-PSSPF zisuke zidalwe wukuthi abasebenzi abayitholanga imali yabo ngoba kuthiwa abaqashi babo bebengayifaki imali kulesi sikhwama.
Uthe kodwa naso asikhokhi ngesikhathi ngakho uthola bebaningi onogada abalinde imali yabo yempesheni.
“Esikhathini esiningi ngiye ngithole ukuthi abanikazi bezinkampani zonogada abayidluliseli imali esikhwameni esifanele kodwa naso lesi sikhwama sinephutha ngoba asilandeleli. Anginawo amandla okubopha isikhwama esithintekayo kodwa ezimeni eziphoqayo ngiye ngiyalele osuke efake isikhalo ukuthi aye enkantolo ukuze akhokhelwe imali yakhe,” kuchaza uNksz Lukhaimane.