BABHEKE ejele abesilisa ababili abavuma icala lokubulala nokugebenga uzakwabo.
USibonelo Prince Sikhakhane (30) noPhilani Clifford Ntuli (36), bagwetshwe yinkantolo eNkulu yaseMgungundlovu iminyaka engu-25 nengu-15 ngokugebenga babulale uMuziwakhe Zephroid Sibiya.
USibiya owayenguthishanhloko esikoleni saKwaNongoma lapho uSikhakhane ayesebenza khona njengomsizi kathisha, wabulawa ngoFebhuwari nonyaka.
Ngaphambi kokugwetshwa, uSikhakhane wavezela inkantolo ukuthi uSibiya wayemxina ngomsebenzi futhi emsebenzisa ngokweqile waze wakhetha ukusula emsebebzini.
Ngemuva kwalokho wanquma ukuziphindiselela nokuyilapho ahlela khona ukumbulala.
Ngosuku lwesigameko, uSikhakhane washayela uSibiya ucingo ecela amgibeze emotweni. USibiya wavuma ukumlanda bathatha noNtuli endleleni.
“Babehlome ngesibhamu. Sebehamba emgwaqweni omkhulu uR66, uSikhakhane wacela uSibiya amise imoto ngoba ednga ukuchitha amanzi. Esephumile emotweni, uNtuli wasala wakhipha isibhamu wadubula uSibiya esifubeni,” kusho uNatasha Ramkisoon-Kara okhulumela abeNPA KwaZulu-Natal.
Baqhubeka batshontsha ifoni, i-tablet ne-laptop kamufi ngaphambi kokubaleka ngezinyawo.