UFE olwembiza, umndeni wephoyisa elibulawe lingakaqedi nonyaka liqashelwe lo msebenzi, okuthiwa ubuyiphupho kulona kusukela ebunganeni.
Usahluleka nawukuzibamba uvukwa yisilokozane umamncane kaConstable Siphesihle Brian Cele (25), uNksz Nqobile Cele, uma elandisa ngobuhlungu umndeni okubona ngokubulawa kwendodana yakhe isemsebenzini wokuvikela umphakathi, okuthiwa ibizifela ngawo.
UCele ongowokudabuka eMakhosini eBabanango, ubesebenzela esiteshini samaphoyisa eMpangeni ngaphansi kophiko i-Public Order Policing.
Kuthiwa udutshulwe washonela endaweni yesigameko ngesikhathi amaphoyisa etholene phezulu nabebesolwa ngobugebengu, okuthiwa bebehlalise lubhojozi umphakathi, esigamekweni esenzeke ngoLwesine ebusuku.
Elandisa Isolezwe ngokwenzekile uNksz Cele, uthe bewumndeni batshelwe ukuthi umufi nasebenza nabo bebesesiteshini ebusuku ngesikhathi kungena isikhalo ngothile okuthiwa ubeyisigebengu esisatshwayo endaweni, obevimbezele abantu ngesibhamu kwenye yamathaveni asendaweni.
“Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa enikela kule ndawo ekwaMpanza khona eMpangeni, afike umsolwa esekhonjwa kwenye ithaveni ebuqamama, okuthiwa nakhona ubenza okufanayo ehambisana nomngani wakhe. Kuthiwa bebona amaphoyisa badubule kuqala bebhekise kuwona, ngebhadi uS’phe (uCele) ubephambili, wadubuleka ebusweni washonela endaweni yesigameko,” usho kanje.
Kulesi sigameko kuthiwa kufe oyedwa kubasolwa kanti omunye uphuthunyiswe esibhedlela elimele.
UNksz Cele uthe umufi ubengakaqedi nonyaka ebuye ekolishi lamaphoyisa watshalwa esiteshini, kanti ngendlela abewuthanda ngawo lo msebenzi, ubezibona enerenke yokugcina kulo mkhakha.
Uveze ukuthi ubeneziqu zeHonors kwiForensic Sciences, azithole e- University of KwaZulu-Natal, okukhombisa intshisekelo abenayo ngomsebenzi.
Uthando lwawo kuvele ukuthi lwakhekha esemncane, efisa ukuhamba ezinyathelweni zikayise naye okuthiwa wafa ngendlela efanayo ebhekene nezigebengu ngo-2007.
Kwehla lo mshophi nje, kuthiwa umndeni ubusathi ujabulela imoto yokuqala kamufi ebingakaqedi nezinsuku ezinhlanu eyithengile, futhi ubeseqoqe nenqwaba yezinto zokwakha ngenhloso yokwakha indlu enkulu, okubenza bazizwe begqemeke engeqiwa ntwala.
UCele (uSiphesihle), ubulawe sekubalwa amahora uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele, adedele izibalo zobugebengu ekoteni yesibili, ezikhishwe ngoLwesihlanu.
Ekhipha lezi zibalo, uthe mabili amaphoyisa abulawe ngesonto eledlule esikhathini esingaphansi kwamahora awu-24.
Uthe angu-35 amaphoyisa abulawa, amanye esemsebenzini kanti amanye engekho khona, phakathi kukaJulayi noSepthemba.
Nakuba ememezele ukuthi zehlile izibalo zobugebengu nezokubulawa kwabantu ekoteni yesibili, kodwa ukuvezile ukuthi lesi yisibalo esingakhombisi ukunqoba kwamaphoyisa kodwa sisho umfutho awufakayo ukubhekana ngqo nobugebengu kuleli.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekile isigameko sokubulawa kwephoyisa, wathi kuyaphenywa.
UNkk Zandile Majozi oyilungu le-IFP ePhalamende, uthe nakuba ukwehla kwezigameko zobugebengu kweminye iminxa kubuyisa ithemba, kodwa kuyakhathaza ukwenyuka kwezibalo zamacala okuzama ukubulala abasifazane nezingane.