ABASEBENZI zBAKAMasipala weTheku, ngaphansi kwenyunyana iMatusa, zigcwale umgwaqo, zimashela eCity Hall, eThekwini, izolo, zikhala ngokungakhushulwa kwamaholo nokungaqashwa kwazo ngokugcwele.
Abebeyingxenye yemashi kubalwa abasebenzi abaqoqa udoti, abamanzi neminye iminyango kamasipala.
UNobhala jikelele weMatusa, uMnuz Thulani Ngwenya, obe ngomunye wabahole lo mbhikisho, obusemthethweni futhi uqashwe ngeso lokhozi ngamaphoyisa, uthe okwenze bashiya phansi umsebenzi, wukuthi bese kuphele izinyanga eziyisikhombisa bethula uhlu lwezikhalo zabo kuMasipala weTheku kodwa bashaywa indiva.
“Sahambisa incwadi yohlu lwezikhalo zethu ngo-Agasti 15 wonyaka odlule, uMkhandlu weTheku wangazixaka ngokuyiphendula, yingakho sihlangene la ngenhloso yokuhambisa enye incwadi ephoqa umasipala ukuba ubhekane nezikhalo zethu.
“Phakathi kwesasikhale ngakho ekuqaleni, yinkinga yokuthi izisebenzi zethu azisavumelekile ukudayisa izinsuku zazo zokusebenza nokuthi abafuni izisebenzi zimelwe yizinyunyana zazo, okuyilungelo lazo elisemthethweni.
“Okunye okusihlupha kakhulu yindaba yamaholo ezisebenzi zethu, esifuna ukuthi akhushulwe kuphinde kuqashwe izisebenzi zethu zonke ngokugcwele, zingabi yitoho kuphela,” kuchaza uNgwenya.
Esinye sezisebenzi zikaMasipala weTheku, uMnuz Sjula Ngubo, sithe kuyihlazo ukuthi namanje kusenezisebenzi eziqoqa udoti esezisebenze iminyaka engaphezu kuka10 kodwa lutho ukuqashwa ngokugcwele emsebenzini.
“Sithi lezi zisebenzi aziqashwe ngokugcwele futhi kungagcini lapho, zinikwe yonke imivuzo ezifanele njengazo zonke izisebenzi eziqashwe ngokugcwele.
“Ngaphezu kwalokho, njengokuvunyelwa wumthetho olawula ukusebenza kwezisebenzi, sifuna ukuthi ukumelwa kwethu yizinyunyana zethu ngokwehlukana kwazo, kungabi yinkinga eMkhandlwini weTheku,” kusho uNgubo.
Kuthintwa okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe kungamampunge ukuthi abasebenzi bakamasipala kabanazo izinsizakusebenza ezanele ukuqhuba umsebenzi, njengokusho kweMatusa.
“Konke lokhu okwenzekayo sikubuka njengeqhinga leMatusa lokuzama ukwandisa isibalo samalungu ayo ngegama likaMasipala weTheku,” kusho uMayisela.