UFISA abantu bafundiseke baphinde bamukele abathandana nobulili obufanayo njengoba kuqhubeka umgubho wenyanga owaziwa nge-International Pride Month, uNksz Nhlalwenhle Cele.
Lo mgubho oqale ngo-1 Juni ozoze uphothulwe ngoJuni 30, uyingxenye yezinhlelo zokuqhakambisa ukuthi abathandana nobulili obufanayo bayingxenye yomphakathi futhi namalungelo abo adinga ukuhlonishwa.
Ekhuluma neSolezwe, uNksz Nhlalenhlwe Cele (26) owashintsha ubulili azalwa nabo, uthe ukubungaza iPride Month kuyimizamo yokwehlisa ukucwaswa ababhekene nakho.
“Sigubha le nyanga ngoba sifuna ukuthi sibe namalungelo okuphathwa ngendlela efanayo njengamalungu omphakathi. Sifuna kuphele ukucwaswa futhi uhulumeni kufanele angenelele ekufundiseni isizwe ngathi ngoba njengoba sithandana nobulili obufanayo sifanele ukuthi sinikezwe impatho efanayo futhi sihlonishwe,” kusho uNksz Cele.
Uthe kufanele bajeziswe kanzima abantu abacwasa ngokobulili.
“Singabantu nathi, akusho ukuthi njengoba siphila impilo ehlukile kufanele sihlukunyezwe siphinde sizondwe kangaka. Amagama acwasa ngobulili kumele avalwe njengoba kwenziwa kulawa acwasa ngobuhlanga ukuze abantu bezofunda ukuhlonipha abanye abantu,” usho kanje.
Uqhube wathi njengoba esephile isikhathi eside njengomuntu owazalwa ebukeka njengowesilisa kodwa ngaphakathi ezizwa engowesifazane (transwoman) uyaziqhenya ngobulili bakhe.
“Ngiyazigqaja ngomuntu enginguye, okubi nje ukuthi kumele ngihlezi ngizichaza ngiphinde ngifundise abantu futhi ngiyasaba ukunubezwa ngokocansi njalo uma ngiphumela ngaphandle,” kusho uNksz Cele.
Khonamanjalo umsunguli wenhlangano engenzi nzuzo iTranshope, ophinde abe yisishoshovu somphakathi we-LGBTQIA+ uNksz Sazi Jali, uthe uma ubuka umlando wokugujwa kwe-Pride Month kusho ukuthi basabonakala emphakathini.
“Isizathu sokuthi siqhakambise ukuthi siyaphila yingoba njalo ngosuku kukhona abalinyazwayo. Abanye abawahloniphi amalungelo ethu ngoba bengabazi ubulili bethu. Yingakho isiqubulo salo nyaka sithi ”I am human too“, okuchaza ukuthi ngingumuntu nami,” kusho uNksz Jali.
Esinye sezishoshovu uNksz Lethuxolo Shange sithe uMthethoSisekelo waseNingizimu Afrika ubavikela ngombhalo kuphela.
“Abantu esiphila nabo emindenini nasemakhaya bayakuveza ukusicwasa. Odadewethu nabafowethu babulawa mihla yonke futhi mkhulu umsebenzi osasimele ekufundiseni imiphakathi yethu ukuthi nathi singabantu, sisuka kubo, sihlala nabo, sikhonza nabo futhi siyibo,” usho kanje.
Kuhlelwe ukuthi kube nemashi ezoba ngoJuni 29 eThekwini, eyenzeka minyaka yonke, lapho amalungu eLGBTQIA+ esuke egcwele khona imigwaqo ukukhombisa ukuthi ayingxenye yomphakathi.