ITHIMBA eliqokelwe ukweluleka uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, lifuna ukubeka ubukhosi bukaZulu ezingeni lobukhosi bamaNgisi.
Leli thimba elimenyezelwe izolo, lithe lifuna ukuthi ubukhosi bukaZulu bube sebukwelinye izinga eminyakeni emihlanu kuya kwengu-10 ezayo.
Leli thimba elibizwa ngoBhoko lukaZulu lididiyele abaqhamuka emikhakheni ehlukene okubalwa kubo abaNtwana baseNdlunkulu, amakhosi, ongoti bezamasiko, osomabhizinisi nongoti bezomthetho.
Ithimba labantu abangu-27 lethulwe ngokusemthethweni eThekwini, izolo.
UButhelezi uthe leli thimba lizomeluleka emisebenzini yakhe ajutshwe kuyo iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
“Ithimba lizosebenza ezinhlakeni eziyisithupha ezehlukene. Sizokuba nohlaka oluzobhekelela ezezimali nokuthuthukiswa komnotho, elizobhekelela umlando, ulwimi nezemfundo, elizobhekelela ezobuchwepheshe ezokuxhumana nabezindaba, elizobhekelela ezokuphatha namasiko, elizobhekelela ezolimo, umhlaba nokudla nezempilo.”
UButhelezi umemezele ungoti wezamasiko waseNyuvesi yaseJohannesburg, uSolwazi Gugu Mazibuko, njengosihlalo wethimba.
USolwazi Mazibuko uthe inhloso enkulu yoBhoko lukaZulu ukuthuthukisa ubukhosi kanye nesizwe.
“Sifuna ukwakha isizwe esisimeme, esinomnotho waso futhi esaziwa umhlaba wonke. Sifuna ukuthi ubukhosi bukaZulu bufane nobukhosi baseNgilandi. Sizohamba sithekela kwezinye izindawo ebukhosini obudlondlobele, sibuke ukuthi ikuphi abakwenza kahle.”
Ikomiti lizohlangana kane ngonyaka, uSolwazi Mazibuko uthe bazokweluleka uButhelezi ngazo zonke izinto ezithinta ukuthuthukiswa kwesizwe nobukhosi.
“Njengoba ithimba lihlanganise abantu abaphuma emikhakheni eyahlukene, kukhulu esizoqhamuka nakho.”
Kwabasendlunkulu abaqokelwe kuleli thimba umfowabo weSilo, uMntwana uBambindlovu kaZwelithini, kube khona noMntwana uPat kaThandayiphi kaSolomon.
Amakhosi ayingxenye yethimba iNkosi yaseMahlayizeni, uBhekizizwe Biyela, iPhini likaNdunankulu kaZulu, uPhathisizwe Chiliza, uSihlalo weNdlu yoBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uSifiso Shinga, iNkosi yaKwaNgenetsheni uLangalethu Zulu, neNkosi yakwaMadlala.
Ethimbeni elimenyezelwe uButhelezi kukhona uqweqwe lwenyosi, uMnuz Buzetsheni Mdletshe, owangumsakazi oKhozini FM, uNksz Nongcebo McKenzie, ummeli odumile u-Advocate Zandile Mshololo.
Izingcithabuchopho eziyingxenye yethimba uDkt Nqobile Sithole, Solwazi Xoli Mkhize, Dkt Lungile Bhengu-Baloyi, Solwazi Thokozani Nzimakwe, Dkt Malindi Kunene, Solwazi Smangaliso Khumalo, Dkt Sphamandla Zondi, Solwazi Pearl Sithole, Dkt Sanele Gumede noDkt Delani Mthembu.
Amanye amalungu ekomiti, uNksz Zibu Sibiya, Nksz Thandi Ngxongo, Mnuz Johnny Mhlungu, Lawrence Mthombeni, Mnuz Pat Muridili, Mpumelelo Mnguni noNjabulo Hadebe.