AMAQEMBU ezepolitiki adudulana ngezifuba kulezi zinsuku ekhankasela ukhetho, ethula nezethembiso kubantu baseNingizimu Afrika.
Lokhu akwenzeki nje emadolobheni nasemalokishini kuphela kodwa ngisho ezindaweni zasemakhaya lapho izakhamizi zisadonsa kanzima uma kukhulunywa ngentuthuko.
Kuyaphithizelwa kwethulwa izinhlelo zentuthuko kuvulwa nenqgalasizinda ebeyakhiwa.
Leli phephandaba livakashele izakhamizi zasemakhaya eNkandla ukuthola ukuthi sezikulungele yini ukuvota, ngabe isekhona inhlansi yethemba ngohulumeni kuleli njengoba kugujwa iminyaka engu-30 kwabusa uhulumeni wentando yabantu.
UMnuz Muzikayifani Majola waseMahlayizini, uveze ukuthi ukhathazwa iminyaka ebekelwe ukuqasha abantu eNingizimu Afrika.
Lokhu ukubona kushaya kuzwele kakhulu kubazali ngoba bahleli nezingane ezinezidingo. Uphinde waveza nokuthi kwanda ubugebengu ngenxa yokweswela kwabantu.
"Ngabuya emsebenzini ngo-2002 ngaqala ibhizinisi lokuxova izitina kodwa uxhaso lokukhulisa ibhizinisi angilutholi.
“Into ebalulekile ukuthi uhulumeni andise amathuba omsebenzi ukuze nentsha izosebenza ikwazi ukuzimela.
“Nomthetho udinga ukuqiniswa ukuze kungabi nentsha egcaluza emadolobheni ngoba igcina isiphenduke amaphara," kusho uMajola.
UNksz Mpho Dubazane waseMatshenezimpisi, oziphilisa ngokucwala amakhanda, uthe uqale leli bhizinisi ngenxa yokugqoza kwamathuba omsebenzi, wakhetha ukugxila ekhonweni analo.
Yize kunjalo kodwa uNksz Dubazane uveze ukuthi inkinga kagesi yenza impilo ibenzima endaweni yangakubo.
"Ugesi namanzi kuyasihlupha kodwa sekungcono amanzi asekhona. Into esifisa ilungiswe manje ugesi ukuze kusebenzeke kahle.
“Ngiyafisa nokuthola indawo yami ngingasebenzeli etendeni ngoba umasipala usengixhasile ngezinto zebhizinisi.
“Ngizoya kovota ngoba isidingo sakho ngiyasibona futhi sengisithathile nesinqumo ngeqembu engizolivotela," kusho uNksz Dubazane.
UMnuz Taelo Tsotetsi waseMadiyane ukhala ngogesi ekubeni izindawo eziningi zasemakhaya seziphucuzekile. Uveze ukuthi imidanti ka-Eskom yenza kubenzima ezindaweni zasemakhaya bese zisalela emuva ngentuthuko.
"Zikhona izinguquko esizibonayo kodwa okuningi sisele kukhona. Ugesi ngenye yezinto esingenayo, ekhaya kusukela ngo-2013 sizama, asinawo kuze kube yimanje.
“Uhulumeni kumele abambisane namakhansela nezinduna zisondelane nomphakathi ngoba yibona bantu abazi izidingo zawo.
“Kukhona nabantu abadala abahleli ezindlini eziwayo ngenxa yokuswela," kusho uTsotesti.
UMnuz Vusimuzi Majola waseMabengela, uthe lesi yisikhathi sokuthi umphakathi uhlangane ubhukule uyovota ukuqinisekisa ukuthi kungena uhulumeni omusha okhathalele izidingo zabo.
Indawo yangakubo uthe yeswele kakhulu uma eyiqhathanisa nezinye zasemakhaya ezihlinzekwa ngentuthuko.
"Kusenzima kakhulu ngogesi, uhulumeni akasisizi, sigqigqa njalo kwa-Eskom kodwa asisizakali. Kuyiwa okhethweni siyovota, sikhipha uhulumeni ongasisizi ngalutho.
“Ziningi izidingo zomphakathi esingenzelwa zona ngoba kubambeke kuhulumeni omkhulu, kuze kusize umasipala ngoxhaso senze amabhizinisi," kusho uMajola.