BAFUNA ubuye wonke uR2.2 million abathi bawuqolwe ummeli obebasiza ngesicelo sabo kwaRoad Accident Fund (RAF) abesifazane ababili baKwaZulu-Natal.
Abesifazane, owaseMpangeni nowaKwaNongoma bashonelwa uyise wezingane zabo, uMnuz Skhumbuzo Nene engozini yemoto ngo-2013.
Ngaleso sikhathi, owaseMpangeni, uNksz Zilondile Mkhwanazi wayenezinyanga eziyisikhombisa ezithwele, owaKwaNongoma, uNksz Funani Buthelezi, eyakhe ingane yayineminyaka emihlanu.
Bathole ngoMeyi nonyaka ukuthi abeRAF bayikhokha ngoSepthemba nyakenye imali enguR2.2 million kummeli wabo uMnuz Siphamandla Mbatha weSM Mbatha Inc eThekwini obebasiza.
Elandisa Isolezwe uNksz Mkhwanazi uthe ngokusizwa umyeni wakhe, balusukumele udaba, bayozibhekela kwiRAF, sekuphele izinyanga uMbatha engasatholakali ocingweni.
“KwiRAF, sifike satshelwa ukuthi imali yafakwa yonke kwi-akhawunti kaMbatha yasebhange ngoSepthemba nyakenye,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe bazamile ukuyokhuluma naye uMbatha ehhovisi lakhe eliseBerea kodwa bafike batshelwa ukuthi akekho, futhi zonke izinkokhelo zamakihasimende zenziwa uma kuphele inyanga.
Uveze ukuthi bathole omunye ummeli ozame ukubatholela uMbatha.
“Umtholile, wamthembisa ukuthi uzoyifaka imali kuma-akhawunti ethu ngokuphela kwenyanga edlule kodwa akakwenzanga lokho njengoba sesikuJuni manje,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uveze ukuthi lento iyabahlukumeza ngoba bese kuvele kuphele iminyaka kuthule ekubeni babenethemba lokuthi imali izoba wusizo ekukhuliseni izingane.
Uthe baqale ukwazana noMbatha ngo-2014 kulandela ukushona kukayise wezingane zabo ngo-2013.
“Ngamthola ngoNksz Buthelezi, naye emyalelwe umuntu. Wathembisa ukuthi uzosisiza kodwa kuphele iminyaka kuthule emva kokumnika kwethu yonke imininingwane. Umnyakazo uze wabakhona inkampani yakhe isijoyinwe omunye ummeli owathi unguMatomane,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe bekunguMeyi nyakenye ngesikhathi uMatomane ebabiza ethi abazosayina, ngoba iRAF isinqumile ukuthi bazothola malini.
“Mina ngangizothola uR1.2 million kuthi uNksz Buthelezi athole imali ecela kuR1 million. Sasayina ke. Wathi ngeke ziphele izinyanga eziyisithupha ingangenile imali,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe bekunguNovemba nyakenye lapho bexhumane khona noMatomane belandelela ngemali kodwa wabayalela ukuthi abathinte uMbatha noma ihhovisi lakhe ngoba yena akasekho khona.
“Ilapho esibafonele khona bengasatholakali, kwaze kwaba siyasukuma, saya kwiRAF bafike basitshela ukuthi kudala bayikhokha imali,” kusho yena.
“Sifuna ayibuyise yonke ngoba sasivumelane ngokuthi uzothatha u-25% kuphela kumuntu ngamunye kodwa yena wavele wayithatha yonke. Futhi sifuna adatshulelwe isitifiketi sobumeli ngoba kusobala ukuthi baningi abaqola njengathi,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Isolezwe limthintile ummeli ongenele esiza abesifazane ukuthi bathole uMbatha.
Yize noma ethe ucela lingadalulwa igama lakhe ngoba umsolwa uzakwabo kwezobumeli, ukuqinisekisile ukuthi engxogxweni ababe nayo (noMbatha) ngenyanga edlule, uthembisile ukuthi izothi uma iphela, bese eyabakhokhela.
Imizamo yokuthola ummeli osolwa ngokuqola ayiphumelelanga. Isolezwe liyishayele inombolo yakhe yeselula kaningi, ikhala ingabanjwa. Eyasehhovisi lakhe ibanjwe owesifazane othe akakaze afike emsebenzini, wathatha imininingwane yentatheli, wathembisa ukuyidlulisela kuMbatha. Uqinisekisile nokho ukuthi inamba yeselula intatheli ethi inayo, eyakhe ngempela.
Okhulumela iLegal Practice Council ehhovisi likazwelonke, uMnuz Kabelo Letebele ukuqInisekisile ukuthola i-email yeSolezwe, wathi usazofuna imininingwane ngesikhalo esifakwe abesifazane ehhovisi labo laKwaZulu-Natal ukuze akwazi ukuphendula.
Okhulumela iRAF, uNksz Boniswa Matshoba uthe bayibonile i-email yeSolezwe, wathi kusenobuhixihixi obudalwa ukucishwa kukagesi, nokwenza kube nzima ukuthi impendulo yabo iqale ifundwe isikhulu esiphezulu kwiRAF ngaphambi kokuba bayithumelele Isolezwe.