UMNDENI wowesifazane oshayiswe imoto washona ufuna lijeze iphoyisa elimshayise, labaleka ngoLwesihlanu ePhoenix, eThekwini.
UNksz Phumla “Thini” Mtshali (28) ushonele emgwaqweni uPhoenix Highway lapho kwenzeke khona isigameko.
Udadewabo, uNksz Phili Mtshali, uthe isigameko senzeke phakathi kuka-1 no-2 entathakusa ngoLwesihlanu.
Uthe ngesikhathi udadewabo ehlelwa yingozi ubehamba nesoka lakhe, elithumele umyalezo ngomakhelwane abadlule ngemoto endaweni yesigameko esephangalele.
UNksz Mtshali uthe abakutholile ukuthi udadewabo ushayiswe yiphoyisa ebelihamba ngemoto labe selibaleka.
“Libonile ukuthi limshayise kabi, labona kungcono ukuthi libaleke. Sithole ukuthi kuthe uma lifika ndawana thize, labona ukuthi inombolo yemoto yangaphambili, iwile endaweni yesigameko ngesikhathi lishayisa udadewethu. Lithumele omunye umuntu ukuthi ayoyicosha,” kusho uNksz Mtshali.
Nokho uthe, lokhu kwenzeke emva kwendaba njengoba bese kufike inkampani yonogada, yathatha izithombe zayo.
“Sithe sizwa, kwakuthiwa imoto seliyibike njengeyebiwe emzini walo esiteshini samaphoyisa ePhoenix. Sizwa kuthiwa libike ngoLwesihlanu ngabo-10 ekuseni, emva kokwebiwa kwayo ngoLwesine ebusuku ngabo-11,” kusho uNksz Mtshali.
Uthe okwenza basole ukuthi ukubikwa kwayo njengeyebiwe kuyindlela yokugwema icala ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi liyibike njengelahlekile.
“Libalekeleni endaweni yesigameko, laphinde lathumela umuntu ukuthi azolanda i-number plate yemoto ebiwile? Izigebengu bezingeke zizikhathaze ngalokho, uma ibiyebiwe ngempela,” kubuza uNksz Mtshali.
Uphinde wathi baxakwa ukuthi uma kungukuthi beyebiwe ngempela imoto, yini ebisayifuna endaweni yasePhoenix emva kwamahora amathathu yebiwe njengoba udadewabo imshayise phakathi kuka-1 no-2 entathakusa.
Uphinde waveza nokuthi kuthe uma bebuza ngephoyisa kwathiwa livamile ukushayela libukhile.
Ukhale ngokuthi umufi ushiye izingane ezimbili ezisencane njengoba enye ineminyaka emithathu, enye ineyisishiyagalolunye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asePhoenix avule icala lokubulala ngokungenhloso ukuze liphenywe.
“Lokhu kuza emva kwesigameko lapho obehamba ngezinyawo eshayiswe yimoto yamaphoyisa engaphansi kophiko lwezokuphepha lwasendlunkulu. Kuthiwa umshayeli wehlulekile ukuma, emgwaqweni uPhoenix Highway ngoLwesihlanu, umgilwa wafela endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi imoto eyenze ingozi itholwe isilahliwe esimobeni.
Uthe imoto efanayo ibikwe njengentshontshiwe lapho ebikhona ngoLwesine ebusuku. Wathi icala lokwebiwa kwayo liyaphenywa.
“Uphenyo lokuthi ubani obeyishayela ngesikhathi yenza ingozi luyaqhubeka,” kusho uNetshiunda.