BAFUNA kubiywe ihostela ukuze kuphele ubugebengu abantu abebevota esikhungweni saKwaMashu ehostela njengoba bethi kulula ukuthi kungene noma wubani azolahla izidumbu.
UMnuz Mhlonipheni Celemba Sibiya (39) owuSihlalo wesigceme esibizwa ngokuthi kuseMalondolo, ehostela KwaMashu, uthe baphume ngobuningi babo ukuyovota ukuqinisekisa ukuthi ihostela liyabiywa ukuze kunciphe ubugebengu.
“Sizovota ngoba sifuna kuphele imijondolo kwakhiwe izindlu ezizobuyisa isithunzi sabantu. Sifuna ihostela libiywe ngoba sesiye sifice izidumbu zilahliwe lapha kodwa okungesizo ezabantu abahlala lapha ehostela. Kusuka abantu kwezinye izindawo bazolahla izidumbu lapha. Amaphoyisa agcina esesola thina ngokuba yizigebengu,” kusho uSibiya.
Uthe bayajabula ukuthi wonke umuntu ukhululekile ukuvota futhi namaphoyisa asiqaphe ngeso lokhozi isimo.
UNksz Siphokazi Mtekwana (33) waseBhambayi eNanda, uthe uvuke ekuseni wayovota eNanda Comprehensive Secondary ngoba bafuna amanzi.
“Sidinga amanzi, asinawo kuyimanje sesiphila ngokuthwala izigubhu siyowalanda elolini eliwalethayo. Sizovota ukuze uhulumeni alungise ingqalasizinda yamanzi, sithole amanzi ahlanzekile. Siyayidinga nemisebenzi ngoba sihleli emakhaya asiqashiwe,” kusho uNksz Mtekwana.
UNkk Lucy Mhlongo (72) ovote Ohlange, eNanda, uthe ufuna ivoti lakhe lisize uhulumeni ukuthi adale amathuba omsebenzi ngoba izingane zihleli emakhaya namajazi emfundo.
Unxuse abaholi be-ANC athe uyilungu layo ukuba baqinisekise ukuthi akuqashwa ngokwenzelela kodwa kunikwa yonke intsha amathuba.
UMnuz Sifiso Sithole obedlubhe ezeMK, uthe akangabazi ukuthi izoletha ushintsho ilwe nobugebengu obudla lubi eNanda.
Okuphawulekayo wukuthi amalungu amaningi e-IFP abevota egqoke izikibha ezinemibala yeqembu lawo, kulandele awe-MK, awe-EFF nedlanzana le-ANC KwaMashu naseNanda.