SILINDELWE ngamehlo abomvu isabelomali saphakathi nonyaka sikaNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana.
ISouth African Federation of Trade Unions (Saftu) icele uGodongwana ukuthi athule isibonelelo sabangasebenzi esizoba wuR1 500 ngenyanga ngenxa yokuthi bangaphezu kuka-12 million abantu bakuleli abaswele umsebenzi.
UNobhala Jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe uhulumeni kufanele ayeke ukunciphisa imali ayisebenzisa ukubhekelela izidingo zomphakathi nabasebenzi bakhe.
“Silindele ukuthi uGodongwana anciphise imali ayabela izinhlelo ezithile zomphakathi nezinkampani zikahulumeni. Sicela ukuthi ethule isibonelelo sabangasebenzi esisemthethweni sikaR1 500, anyusele abasebenzi amaholo ngo-8%. Afake imali eyanele ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwengqalasizinda nokuhanjiswa kwezidingo emphakathini,” kusho uVavi.
Uthe bafuna kube nohlelo oluzoqinisekisa ukuthi abantu abawu-12.5 million bakuleli abaswele umsebenzi bayasebenza.
Ubalule nokuthi kumele kuvuselelwe imizila yezitimela ukuze abantu bakwazi ukuhamba kalula uma beya emsebenzini noma beyovakasha.
Uthe abacebile kufanele bakhokhiswe intela enkulu kodwa wacela uGodongwana ukuthi angalokothi anyuse intela ekhokhwa uma uthenga, i-value added tax.
I-Alternative Information and Development Centre ithe uGodongwana kufanele abhekelele abampofu ngokutshala imali eningi kwezemfundo nezempilo, athule nesibonelelo sabangasebenzi.
UMnuz Elroy Paulus, ocwaninga ngezomnotho kwi-Alternative Information and Development Centre, uthe baningi kakhulu abantu abangasebenzi kuleli ngakho isibonelelo sabangasebenzi sidingeka ngokushesha.
Inhlangano elwela abampofu, iBlack Sash, ithe uGodongwana kumele athule isibonelelo sabangasebenzi ukuze kunciphe igebe labampofu nezicebi.
IBeer Association of South Africa nayo ayisalanga ngaphandle, icela uGodongwana ukuthi angafaki intela exakile etshwaleni.
Ithe kufanele abhekisise indlela okukhokhwa ngayo intela etshwaleni njengoba utshwala, obunezithako ezithile, bukhokhiswa intela ethile.