KUNGAKAPHELI isikhathi esingakanani, uMengameli uCyril Ramaphosa, uzithola engaphansi kwenye ingcindezi yokuba athathele izinyathelo omunye ungqongqoshe okwiKhabhinethi yakhe.
Amaqembu ezepolitiki afuna ukuthi uRamaphosa axoshe owuNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ophenyelwa inkohlakalo.
Ikhwelo lokuba kususwe uNksz Ntshavheni esikhundleni liza nje akukapheli isikhathi eside kukade kukhulunywa udaba olufanayo ngobewuNgqongqoshe wezoBulungiswa ngaleso sikhathi, uNksz Thembi Simelane.
Kwaze kwaphoqa ukuthi uRamaphosa ashintshele uNksz Simelane eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu, emva kwengcindezi ayithola emaqenjini aphikasayo ayefuna ukuthi akhishwe esikhundleni ngenxa yezinsolo zenkohlakalo.
IKhabhinethi kaRamaphosa alikaqedi ngisho unyaka liqokiwe kodwa kuvele sekunongqongqoshe ababili abasolwa enkohlakalweni.
UNksz Ntshavheni uphenyelwa inkohlakalo yokukhishwa kwethenda ka-R2.5 million, eyakhishwa uMasipala waseBa-Phalaborwa.
Ngesikhathi kukhishwa ithenda ngo-2009, uNksz Ntshavheni wayeyimenenja yomkhandlu.
OKlebe basanda kuqinisekisa ukuthi sebeluphothulile uphenyo lwabo ngalolu daba, bathi sekulele enhlanganweni yezokushushisa, i-National Prosecuting Authority (NPA), ukuthi iyamshushisa yini uNksz Ntshavheni.
I-MK, EFF, ne-DA bathe basabela ukuthi uNksz Ntshavheni engagxambukela ophenyweni uma evunyelwa ukuba aqhubeke nokuphatha isikhundla sakhe.
UNksz Ntshavheni ubhekelele ezezinhloli aphinde akhulumele iKhabhinethi.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe kuyasingcolisa isithunzi seKhabhinethi ukuqhubeka kukaNksz Ntshavheni nokuphatha isikhundla.
“Sihlaba ikhwelo lokuba amiswe emsebenzini ngokushesha. Empeleni siyazibuza ukuthi wayekade eqokwe kanjani kwakhona kwasekuqaleni ngoba vele umlando wakhe awumuhle. Igama lakhe liyavela embikweni weKhomishini eyayiPhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.”
Okhulumela i-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, uthe inkinga enkulu ukuthi uRamaphosa akabathatheli izinyathelo labo ababephambili emkhankasweni wakhe wokuhola i-ANC.
“Siyazi ukuthi uNksz Ntshavheni wayephambili emkhankasweni kaRamaphosa wango-2017. Ingakho agixabezwa ngesikhundla. Uhlulekile ukuphatha eminyangweni ake aqokelwa kuyona. Kusobala ukuthi uRamaphosa ugxosha kuphela labo abangazange bameseke ngesikhathi ekhankasela ukuhola i-ANC.”
Ilungu le-DA, uNkk Dianne Kohler Barnard, lithe sebebhalele uRamaphosa bemnxusa ukuba asuse uNksz Ntshavheni esikhundleni.
“Akakwazi ukuphatha isikhundla njengoba ebhekene nophenyo olubucayi ngale ndlela. Siyazi ukuthi lona akusiye ungqongqoshe wokuqala obhekene nezinsolo zenkohlakalo. Kusho ukuthi inkulu inkinga lapha kwiKhabhinethi.”
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe amaqembu aphikisayo athatha ngamawala.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe uNksz Ntshavheni akakabekwa icala, wathi i-ANC ingakwazi kuphela ukumthathela izinyathelo uma engase abekwe icala ngokusemthethweni.
“Amaqembu aphikisayo ayazi ukuthi i-ANC inomgomo othi abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni. Baningi abaholi abashenxile ezikhundleni emva kokuthweswa amacala. Ngicabanga nje ukuthi amaqembu aphikisayo azama nje ukubukwa.”