UNINA wowesifazane okuthiwa ufe emva kokuxhifizwa ebusweni wakopolotwa namehlo eNtshiyabantu, eMpendle ngoMgqibelo, uthi ufisa afele ejele umsolwa.
Isidumbu sikaNksz Nobuhle Babongile Nyide (23), sitholwe ngeSonto eduze kwesigxobo sikagesi eduze nakubo. Kusolwa ukuthi ubulawe emini ngoMgqibelo, wase emhudula eyomlahla ezintatha ngeSonto.
Unina kamufi, uNksz Bongekile Nyide, uthe umsolwa uyisihlobo futhi ungumakhelwane abehlukaniswe wuthango naye.
Elandisa ngesehlo, uthi senzeke esemngcwabeni.
“Ngibuye kukhala ibhungezi ekhaya nokungishayise ngovalo ngoba uBuhle akasiye umuntu okhonze ukuhamba futhi uma kukhona izindlela esizoba nazo, asihambi kanyekanye, njengoba bengiye emgcwabeni nje bengazi ukuthi akukho ndlela azoyithatha,” kusho uNksz Nyide.
Uthi emva kokungqongqoza kungaphenduli muntu, uye komunye umakhelwane, eyoboleka izinto zokugqekeza iwindi nengane ezongena iyothatha isipele sikakhiye lapho besithukusa khona.
“Kuvele kwathushuka yena umsolwa, wangimangaza ngokuthi athi angingathuki uBuhle uye esokeni lakhe, uzobuye abuye. Ngivele ngangaphendula, ngixakwa ukuthi le nto ayishoyo ayifani noBuhle futhi ngazibuza ukuthi yena useluthathaphi ulwazi olungaka,” kusho uNksz Nyide.
Uthi ubenakho ukusola ukuthi umsolwa ulahla umkhondo ngenkulumo yakhe.
Uthi amaselula kaBuhle uwafice ekhona ngaphakathi endlini. Wathi kuthe uma ebona eze eyolala engaqhamuki uBuhle, lamshiya igazi nobuthongo bangehla.
“Ekuseni ngivukele komunye umakhelwane, ngathi akangikhaphe siye ekhanseleni lenkosi yesizwe, ngiyobika udaba. Livele lanikela emaphoyiseni aseMpendle ukuyobika, afika masinyane,” kusho uNksz Nyide.
Uveze ukuthi bathe sebebuya ekhanseleni lenkosi bezwa kuqhuma isililo ngakubo, wabona lapho ukuthi uBuhle usetholakele, futhi akasekho.
Uthi amaphoyisa asheshe afika endaweni yesigameko, akhonjwa ekhaya lalona wesilisa nangempela afica izikhali ezahlukene ebezinegazi ne-mop nayo ebigcwele igazi, zamkhalela kanjalo.
“Uyixhifizile ingane yami, ayibonakali nokubonakala, wayikopolota ngisho namehlo. Ungizwisile ubuhlungu engingebufanise nalutho. Ngikhubazekile, ngihamba ngezinduku, le ngane ibisiyithemba lami ngoba iyo yodwa. Njengoba ngigugile nje, angifisi ukuphinde ngimbone, ngifisa afele ejele,” kusho uNksz Nyide.
Induna yendawo, uNkk Makhosazana Sithole uthe: “Siyaqala ukubona umuntu onesihluku esingaka enganeni. Sifisa kungaphinde kwenzeke endaweni. Umphakathi udiniwe. Sengithe awehlise umoya, uyeke udaba lusingathwe amaphoyisa.”
USihlalo we-Sanco esifundeni iGarnet Mlete, uMnuz Vusi Ntshangase, uthe namuhla bazobe bemasha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMpendle njengoba kuvela umsolwa.
“Sidumele, sishaqekile. Sekuvamisile ukuthi kubekhona amacala akanje endaweni. Sikhathazwa wukuthi lezi zigameko zenziwa ngabantu abasondelene nabagilwa.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMpendle aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokutholakala kwesidumbu sowesifazane (23) eduze komgwaqo ngeSonto.