ULINDELE lukhulu emantshini umndeni wowesifazane waseDondotha eMpangeni, ogwazwe wafa yisoka lakhe ngenyanga edlule, emjondolo waseKenville eThekwini, njengoba umsolwa ebevela okokuqala enkantolo izolo.
Umsolwa (44) ubhadanywe ngamaphoyisa esenyangeni yaseNtabankulu e-Eastern Cape ngoLwesihlanu. Kuvela ukuthi ubebhace kulesiya sifundazwe njengoba engowokuzalwa khona.
Kuthiwa uficwe eqimbile nommese, okusolwa ukuthi wabulala ngawo umufi, uNksz Zama “Girlie’’ Mthembu.
Umfowabo kamufi, uMnuz Msizi Mthembu uthe: “Sengathi imantshi ingenza okufanele, agwetshwe lo muntu.”
Uthe yize bazi ukuthi ngeke ahlale ejele unomphelo kodwa uma enikwe isigwebo esifanele, uyobe ujezile ngakwenze kubona ngoba ijele aliyona indawo emnandi.
“Lokho kokwenza ukuthi nathi sixole,” kusho yena.
Uthe uyabajabulisa umsebenzi wamaphoyisa kuleli cala, futhi uyakholwa nokuthi nodadewabo lapho ekhona ugculisekile.
Umbiko kadokotela ohlola izidumbu kuthiwa uveze ukuthi umufi wagwazwa amanxeba angu-25.
Umufi kuthiwa wazidonsela amanzi ngomsele kumsolwa ngokumala.
Kuthiwa ubudlelwane babo babungebuhle njengoba umufi ayehlale ewukudla kwenduku, eseze waba nezibazi umzimba wonke.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umufi wayephuma endlini yomngani wakhe ebheke kweyakhe, endleleni wazithela kule ndoda, okwathi uma eyitshela ukuthi akasayifuni, yazama ukumhudula yamshaya.
Kwavela ukuthi ababekhona bamshaya umsolwa bedinwa wukuthi uhlukumeza umuntu wesifazane.
Kuthiwa wabaleka, umufi yena waphindela endlini yomngani, okuthe esamzekela ngokwenzekile, umsolwa wagulukudela kuyo wamgxavuna, waqala wamgwaza.
Kwavela ukuthi wayemgwaza kubuka izingane zikamngani wakhe ezimbili ebezihleli embhedeni, ezineminyaka ephakathi kweyisithupha neyishumi.
Icala liyabuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesonto elizayo.