KUPHAZAMISEKE ukufunda nokufundisa esikoleni iPhakathi Secondary eMariannhill, ngasePinetown othisha bebeka phansi oshoki, benengwa yisimo sokusebenza esingagculisi.
Ngokuthola kweSolezwe, ziningi izingqinamba ezikhungethe isikole sabo, ezinye zazo sekuphele iminyaka zikhona.
Ukhuluma neSolezwe umthombo ozazi ukusuka nokuhlala izinkinga zalesi sikole, uthe othisha bakhathele wukufundisa ngaphandle kwezinsiza-kusebenza ezanele.
Uthe phakathi kwazo yimishini yokugaya amaphepha, osekuphele iminyaka becela ukuthengelwa yona.
“Amaphepha baze baphoqeleke ukuyowagaya ezikoleni ezingomakhelwane, behamba ngophethroli wabo,” kusho umthombo.
Uqhuba uthe kwakunyakenye lapho uthishanhloko athembisa khona ukuthi uzowuthenga umshini kodwa namanje awubonwa.
Usole uthishanhloko ngokuhlukumeza othisha, wathi akakhulumi kahle nabo njengoba ebashawoda phambi kwawo wonke umuntu.
Uphinde waveza ukuthi wonke amathoyilethi akulesi sikole asesimeni esinyantisa umzimba.
“Abhlokhile. Abawahlanzayo baze basebenzise amabhakede nezinkomishi ukuphungula ukungcola, bakulahle ngaphandle ukuze akwazi ukuqhubeka asebenziseke,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi kuphinde kube nenkinga yokugcwala ngokweqile kwabafundi emakilasini.
“Ikilasi ngalinye esikhundleni sokuba nabafundi abangu-35, linabafundi abangu-90. Lokhu kwenza othisha bangakwazi ukufundisa kahle,” kusho umthombo, owengeze ngokuthi lokhu kuholele nasekutheni kwehle imiphumela ka-matric nyakenye.
Ukhale nangenyufomu yabafundi eshintshwe ngaphandle kokuxoxa nabazali nobuholi besikole.
“Abazali bayibambe ezinkundleni zokuxhumana sekuzovulwa izikole eyokuthi inyufomu yesikole ishintshile. Ngaleso sizathu kugqokwa inyufomu embili esikoleni, kukhona abagqoka endala, kube khona abagqoka entsha,” kusho umthombo.
Ubuye wakhala nango-R200 okhokhwa ngabazali ingane ngayinye, ekubeni isikole singena ngaphansi kohlu lwezikole ezingayikhokhisi imali yesikole.
Kuthintwa usihlalo wesigungu sesikole, uNkk Lindiwe Madlala, uvumile ukuthi ubikelwe ngokubeka phansi kothisha oshoki.
Uvumile nokuthi isikole sihaqwe yizinkinga.
Ekha phezulu, uthe kuyiqiniso ukuthi othisha baze baphume baye ezikoleni ezingomakhelwane, beyofuna izinsiza-kusebenza.
Uphawule nangokushintshwa kwenyufomu, wathi kwakungavunyelwene nabazali.
“Indaba yenyufomu, yavela kancane emhlanganweni wangoNovemba lapho uthishanhloko waveza ukuthi izoshintshwa maqede kwavungama bonke abazali. Bakhombisa ukungahambisani nalokho.
Udaba lwayo lwalungekho ngisho ohlwini lwezinto ezazibizelwe umhlangano,” kusho yena.
Uthe bebelindele ukuthi luphinde ludingidwe kahle komunye umhlangano lapho bebezozwakalisa ukuthi akufanele ishintshwe ngoba akukapheli neminyaka eyishumi ishintshiwe.
Uthe ubezokuphikisa ukushintshwa kwayo ngoba akunasidingo, ikakhulu njengoba isikole sisemphakathini wabazali abahlwempu.
Ethintwa uthishanhloko uMnuz Gcaba, walile ukuphawula, ethi uqashwe wumnyango, wathi iwona okufanele uphawule ngoba akaziphethe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi, uthunyelelwe umyalezo, wangawuphendula, ethintwa nasocingweni, akaluphendulanga.