BADLULE ezimweni ezinzima abafundi abevile ku-732 000 abazobhala u-matric kulo nyaka. Ezinye zalezi zimo kubalwa ukuphazanyiswa wubhubhane lwegciwane iCovid-19, ngesikhathi benza uGrade 8, ngo-2020. ICovid-19 yaphazamisa imikhakha eminingi yawisa umnotho, yavala thaqa izwe.
Lokhu kuvezwe nguDkt Barney Mthembu, iphini likamqondisi jikelele elibhekele uhlelo lokufunda eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo izolo, ngesikhathi bechazela ikomiti lasePhalamende ngamalungiselelo okubhalwa kwezivivinyo zika-matric, eziqala ngenyanga ezayo.
UMthembu uthe ngo-2021, ngesikhathi laba bafundi benza uGrade 9, lwalusadlangile ubhubhane.
Uthe okunye okubalulekile ngalaba bafundi ngukuthi ngesikhathi benza uGrade R ngo-2012, kwakuqala uhlelo okufundwa ngalo manje ezikoleni zakuleli, i-Curriculum and Assessment Policy Statement (CAPS).
“ICovid-19 yabaphazamisa kakhulu nagesikhathi sekumele bakhethe izifundo abazozenza kwaGrade 10. Othisha babelova, kwadingeka ezinye izinto zingafundwa ngenxa yobhubhane olwaphazamisa izinto eziningi kwezemfundo,” kusho uMthembu.
Uthe kwakudingeka bashintshane uma beya ezikoleni ukuze bangathelelelani ngegciwane ngakho babengezi zonke izinsuku ezikoleni.
UDkt Rufus Poliah, obhekele izivivinyo emnyangweni, uthe sandile isibalo sababhala u-matric ngabangu-8 400.
Uveze ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal yisona esinesibalo esiphezulu sababhalayo.
“Sebebonke ababhalayo bangu-732 448, iKZN yona inabafundi abangu-172 213 ababhalayo. Kulandela iGauteng ngabangu-136 620, indawo yesithathu kulele i-Eastern Cape ngabangu-103 975.”
Uthe bangu-136 195 ababhala ngasese ezikhungweni ezingu-6 909.
“Zingu-23 izikole ezifundazweni eziyisishiyagalolunye ezibhalisa i-South African Sign language. Bangu-210 abafundi ababhala lesi sifundo.”
Izivivinyo ziqala ngo-Okthoba 21, ziphothulwe ngoNovemba 27. Bangu-55 053 abaqokelwe ukumaka u-matric ezikhungweni ezingu-188.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, uthe konke sekumi ngomumo ngokubhalwa kwalezi zivivinyo.
Uthe kuningi okwenziwe ngumnyango wakhe ukulungiselela izivivinyo.
“Abafundi bakulungele ukubhala izivivinyo zebanga lokugcina emfundweni yamabanga aphansi. Othisha basebenze kanzima ukulungiselela abafundi ukuthi babhale abakufundile,” kusho uNksz Gwarube.