APHUME enkantolo edangele amalungu omphakathi abekade ezokweseka umndeni womfana (8) owabulawa ngokushaywa nangokuklinywa kwaboshwa uyise.
La malungu abekade esuka KwaNdengezi, ezwe izolo esefike enkantolo ukuthi iMantshi u-L Gorie, elalele icala, ibambekile ngakho ayikho emsebenzini.
Lezi zindaba azehlanga kahle kulaba bantu kwazise sebegqigqe izikhawu eNkantolo yeMantshi yasePinetown icala linganyakazi.
Umsolwa uMnuz Siyabonga Innocent Shezi, ungene isikhashana enkantolo wase ebuyiselwa ezitokisini.
UShezi wayekade enqatsheliwe ibheyili ngokwedlule kodwa manje usefake isicelo sayo kabusha.
Phambilini wafakaza ezihlangula ukuthi nguye owabulala indodana yakhe uSfundo Sibisi.
Wacela inkantolo ukuthi imdedele khona ezokwazi ukunakekela unina ogulayo nomndeni wakhe futhi avuse ibhizinisi lakhe lokudayisa oswidi namagwinya.
Emuva kwalobu bufakazi, umshushisi uMnuz Rowen Souls watshela inkantolo ukuthi uzobiza umphenyi wecala azofakaza aphikise okwakushiwo uShezi..
Wacela inkantolo ukuthi ihlehlise icala ukuze iphoyisa elingumphenyi liye kohlwaya ulwazi futhi liqinisekise okwakade kushiwo uShezi enkantolo.
Kusukela lapho icala alikaze lihlale, selihlehle kwaze kwaba kathathu.
Unina kaSfundo, uNksz Nonhlanhla Sibisi uvele ahlengezele izinyembezi uma ekhuluma ngokuhlehla njalo kwecala athi kuyamhlukumeza emoyeni.
Uveze ukuthi ngokudlule wafaka isikhalo enkantolo ngokubambezeleka kwecala, lapho atshelwa khona ukuthi uShezi unelungelo lokucela ibheyili.
Kusolakala ukuthi uShezi walanda uSfundo kubo kanina, waya naye ehlathini eNtshongweni lapho afike wamshaya khona wamklinya ngentambo washona.
Isigameko senzeka ngoJanuwari nyakenye sekusele izinsukwana ukuthi umufi ayoqala uGrade 3 esikoleni uMthala Primary. Umufi washona sekusele izinyanga ezintathu ahlaganise iminyaka eyisishiyagalolunye.
UNksz Sibisi watshela Isolezwe ukuthi uShezi wabulala uSfundo ngoba ethi ‘umqaqa upende’ emuva kokuthi emalile futhi engayizwa eyokuthi babuyelane.