UCIKEKILE umndeni wephoyisa eliboshelwe icala lokushaya libulale unina ngepulangwe elinezipikili KwaDabeka, eClermont, ngokuthi umsolwa ubemoyizelela intombi enkantolo.
Umndeni kaConstable Lungisani “Mazambane” Xaba (48), uthe umsolwa uwenza izilima ngokuwushonisa ngapha nangapha.
UXaba usolwa ngokushaya ngepulangwe unina uNkk Greta Xaba (81) waze wasuswa ngamaphoyisa ambopha. Umufi wayehamba ngesihlalo esinamasondo ngenxa yokukhubazeka.
Sekujwayelekile ukuthi uXaba uma evela eNkantolo yeMantshi yasePinetown icala lihlehliswe njengoba nangoLwesithathu lihlehliselwe isonto elizayo.
NgoLwesithathy ucele imantshi ukuthi imnikeze igunya apequlule isikhwama afike esiphethe enkantolo lapho ekhiphe khona iphepha ebelinesitatimende asibhale ngesandla.
Ubefuna sifundwe kodwa inkantolo yathi lokhu kuzoba ingxenye yobufakazi azobethula uma sekwenziwa izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala.
Ubephikelela eze eqophisana nommeli wakhe womdabu waseNdiya kwagcina sekungenelele utolika wohlanga eqondisa inkulumo phakathi kwabo.
UXaba useshintshe abameli izikhawu ezinhlanu. Uyaye akhale nangokugula kugcine kuguqe icala.
Useke wagibela ebhokisini labasolwa egqoke umnazaretha waKwaShembe. Phambilini wacela imantshi imnikeze igunya lokubuyela ejele eWestville atoke kulona nomuthi womkhuhlane ekhala ngomkhuhlane onzima athi uhlasele khona kodwa wenqatshelwa.
“Usenza izilima, ukushintsha kwakhe abameli kukhomba khona ukuthi uyawazi umthetho futhi udlaladlala ngawo. Ngokubuka kwethu akakhombisi ukuzisola ngento ayenza ebulala ukhulu. Akathukile, akasabi futhi ukhululekile nje,” kubalisa umshana kaXaba, uNksz Siyethemba Xaba.
UXaba ubegqoke isiklibha esimnyama esinemikhono emide ne-jean enavy namateku.
Uvele wamoyizela ebona intombi yakhe enkantolo ebikade izomeseka. Bamiselane izithupha nayo sabantu abebekade bebingelelana avele anengeka amalungu omndeni kamufi.
Isigameko senzeka emzini kanina kaXaba, KwaDabeka, ngoMeyi 6, 2022.
UXaba obesebe iphoyisa iminyaka engaphezu kuka-10 esiteshini samaphoyisa saKwaDabeka, waboshwa ngoMeyi 7, 2022.
Wabekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elashintshwa laba ngelokubulala sekushone unina esibhedlela ngoMeyi 8.