BABUYE sebefaswe ngozankosi abamangalelwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, abadumelane nojele kwancane indawo ngoMsombuluko bemsola ngokubalawula. Abamangalelwa, owesithathu uMthobisi Mncube, owesine uZiphozonke Maphisa nowesihlanu uFisokuhle Ntuli yibona ababonakale behlasela ujele.
NgoLwesibili kuthathe isikhathi ukuthi bangene abamangalelwa enkantolo nokuthe uma bengena kwabonakala ukuthi bafasiwe ngozankosi. Kubukeke sengathi nethimba labaqaphi basejele lengeziwe futhi bahlome kakhulu ngezibhamu ezinkulu.
Kuthe sekufanele kuqale icala kwavela ukuthi abamangalelwa banesikhalo ngokufaswa ngozankosi. Ummangalewa wesibili uBongani Ntanzi, uthe akaqondi ukuthi yena ubefaselwani. UNtanzi usho kanje nakuba eseqaqiwe ngesikhathi efika.
Kuthe kusenjalo kwavela ukuthi uMncube ukhala ngokuthi izinsimbi afaswe ngazo ziyamlimaza akakwazi nokulalela. Kuvele nokuthi ummangalelwa wesihlanu uNtuli naye ukhala esifanayo ngokuqinwa yizinsimbi.
IJaji Ratha Makgoathleng licele ukuthi abaqaphi basejele balulungise lolo daba ngaphambi kokuthi kuqale. Kuze kwasukuma ummangalelwa wesithathu uMncube wazikhulumela.
“ Angizwa lutho lana nginenkinga lento iqinile iyangilimaza,’’ kusho uMncube. IJaji libuze ukuthi ulalela ngezandla yini kodwa wathi izinhlungu zimenza angakwazi ukukhululeka. Kugcine kuqalile ukuqulwa kwecala njengenjwayelo.