BAMASHE ngapheshela kwe-Durban City Hall benqunu abebengabasebenzi be-Expanded Public Works Programme (EPWP) abalinganiselwa ku-150 abayingxenye yabangu-4 000 abamiswa emsebenzini ngoJulayi, nonyaka.
Isolezwe lithole ukuthi akade bemasha bebesebenza ezindaweni ezehlukene ngaphansi kukaMasipala weTheku.
Umholi wabo, uNksz Slindile Sokhela, uthe njengoba bemasha benqunu nje, lokhu kuwuphawu lokuthi bahlukumezekile emqondweni.
Uthe laba abamashayo sebexoshwe nawomastende ngenxa yokuthi kabasasebenzi, kabanayo imali yokurenta.
Elandisa ngodaba lwabo, uthe ngesikhathi bemiswa emsebenzini abazange baziswe kusanesikhathi ukuthi umsebenzi uzophela.
“Savuka ekuseni seza emsebenzini, safike satshelwa ukuthi umsebenzi usuphelile. Alikho ithuba abasinikeza lona ukuthi nathi sihlele izinto zethu. Satshelwa ukuthi imali iphelile emkhandlwini, ayisekho imali yokusiholela,” echaza.
Uthe kuthe kusenjalo, babona sekuqashwa abanye abantu ezikhundleni zabo.
“Kwaqashwa abantu abangu-800, sabona ke kuthi akusilo iqiniso ukuthi imali ayikho kodwa inkinga yithina. Abanye bazame ngisho ukuzibulala ngenxa yalesi simo,” usho kanje.
Uveze ukuthi babe nomhlangano neMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, ngoJulayi, wabathembisa ukuthi kuzoba yinyanga eyodwa kuphela bengasebenzi, bese beyabuyiselwa.
Uthe bebona kuhamba isikhathi, bazamile ukubuyela kuyena kodwa wabaziba. Uthe emveni kwalokho, banikele kuNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, bathola ukuthi naye uXaba uyambalekela.
Ukhale ngosizi athe lubengeme njengoba bebhekene nengwadla yokungasebenzi.
“Usibulele siphila umasipala ngendlela owenze ngayo. Sesiphila njengabantu bokufika ezweni lethu. Sifuna umkhandlu wenze ubulungiswa, sibuyiselwe emsebenzini ngoba kusobala ukuthi imali ikhona emkhandlwini,” usho kanje.
Uzwakalise ukungenami ngokuthi abaqashiwe manje bahola imali ephindaphindiwe kule bona ebebeyihola.
“Laba abaqashiwe baholelwa u-R12 000 ekubeni thina besiholelwa u-R3 500 kuphela,” echaza.
Ukhale ngokuthi bese beneminyaka eyevile engu-10 besebenzela umkhandlu weTheku.