ASAZOQHUBEKA nokusebenza amakhadi okuhola izibonelelo zikahulumeni eposini noma sekudlule uDisemba.
Lezi zindaba zimenyezelwe nguMnuz Bongani Diako okhulumela iPostbank.
Phambilini bekugqugquzelwa abantu ukuthi baye emaposini bayovuselela amakhadi okuhola izibonelelo zikahulumeni, eSouth African Social Security Agency (Sassa) abhalwe ukuthi azophelelwa yisikhathi ngoDisemba. Abanye bebekhala ngokuthi abasizakali emaposini kanti abanye bathe bebetshelwa ukuthi abashintshele emakhadini asemabhange.
“Asikho isidingo sokuthi abahola izibonelelo zabo eposini bashintshe amakhadi ukuze bayohola emabhange. Bazokwazi ukuhola ngamakhadi abo akwaSassa noma sekudlule uDisemba. Siyabaqinisekisa abantu ukuthi amakhadi ngeke aphelelwe yisikhathi ngoDisemba,” kusho uDiako.
Uthe ukuhola ngekhadi lakwaSassa akuzi nezindleko kwabahola izibonelelo zikahulumeni njengoba kwenzeka kwabahola ngezinye izindlela.
Ugqugquzele abantu ukuthi bangatatazeli ngoba imali yabo bazoqhubeka bayithole nangonyaka ozayo besebenzisa wona amakhadi akwaSassa.
Ukhumbuze abahola ngamakhadi akwaSassa ukuthi imali yezibonelelo zikahulumeni iyakwazi ukuphuma emishinini yemali yamabhange ahlukene noma umuntu engenayo i-akhawunti kulelo bhange, wathi bangahola nasezitolo ezifana noBoxer, Pick n Pay, Shoprite, Usave, Spar naseposini.
Uthe asikho isitolo esinegunya lokuphoqa abahola izibonelelo zikahulumeni ukuthi bathenge okuthile ukuze bezothola imali yabo.
Izitolo ezenza lo mkhuba uthe kufanele zibikwe ukuze zithathelwe izinyathelo zomthetho.
Ubalule ukuthi amakhadi akwaSassa anemihlomulo ehlukene okubalwa ukukhipha imali mahhala ezitolo izikhawu ezintathu nokuthola isitatimende sezinyanga ezintathu ukuze oholayo abone ukuthi imali yakhe uyisebenzise kanjani.
Abadinga eminye imininingwane ngalolu daba bangavakashela iwebsite yePostbank ethi www.postbank.co.za noma bashayele u-0800 535 455.