BAHLEKA bodwa abafuyi bezinkukhu bakuleli njengoba bezodayisa amanqina ezinkukhu eChina ngo-R300 million njalo ngonyaka.
Isivumelwano sokudayiselana sihlanganiswe yinhlangano ebhekele ukuthuthukisa umnotho eWestern Cape, iWesgro.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba yiWesgro, uhlelo luzodala amathuba emisebenzi awu-3 000.
Ngaphansi kwesivumelwano, abalimi besifazane abafuye izinkukhu eMpumalanga naseWestern Cape bazothumela eChina amanqina angamathani awu-540 njalo ngenyanga.
Kuthiwa amanqina enkukhu ayinyama edliwa womntakabani eChina ekubeni kuleli ethathwa njengokudla kwabampofu.
I-Wesgro ithe inkampani yayo ebizwa nge-AskCarlaKote yiyona ehlanganise abalimi, yaqinisekisa ukuthi bahlonyiswa ngamakhono abawadingayo.
Iveze ukuthi imatasa ifuna imakethe yawo amanqina emazweni asentshonalanga ye-Afrika lapho nakhona amanqina ehamba phambili.
Ithe imakethe yamanqina izokhula ngoba namanye amazwe ase-Asia aseqalile ukufuna amanqina enkukhu kuleli.
UNkk Carla Kote ongumsunguli we-AskCarlaKote, uthe isivumelwano sabafuyi bakuleli neChina sizovulela abanye amathuba.
Uthe imakethe yaseChina ayikhathazekile ngomkhuhlane wezinkukhu ngoba amanqina abo ayahlolwa ngaphambi kokuthi athunyelwe kwamanye amazwe.
“I-Wesgro isebenzisana neStandard Bank, abalimi nathi ukuze lesi sivumelwano sihlangane. Iminyango yezolimo eMpumalanga naseWestern Cape nayo izibophezele ukuthi izosebenzisana nathi ngoba eChina bayawathanda amanqina ezinkukhu,” kusho uNkk Kote.
Uthe eChina amanqina awagcini nje ngokudliwa wodwa kodwa afakwa kumasobho, adliwe njenge-snack noma enziwe isitshulu.
UMnuz Wrenelle Stander, oyisikhulu esiphezulu seWesgro, uncome i-AskCarlaKote ngokuletha isivumelwano esizoshintsha imboni yenkukhu kuleli, sidale namathuba omsebenzi.
Omunye wabalimi ozohlomula ohlelweni, uNkk Lebohang Dhluhlu, uthe bazosizakala kakhulu ngoba basuke ekubeni ngabafuyi abancane baba ngabazodayisa umkhiqizo wabo ezimakethe zomhlaba.
Umfuyi wenkukhu eWestern Cape, uMnuz Khaya Bruwana, uthe ubuyelwe yithemba lokuthi imboni yenkukhu izothuthuka njengoba sekunesivumelwano esizodayisa amanqina ezinkukhu zabo eChina.