UMHOLI we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthi ujabule kakhulu ngokuthi amanye amaqembu, i-IFP neNFP, ayawuseka umbono wokuthi isiShayamthetho sithuthelwe oLundi.
UMncwango wenze leli khwelo emuva kombiko wokuthi uhulumeni ufuna ukuqala phansi isiShayamthetho eMgungundlovu, ngenxa yokuthi lesi esikhona asikho sesimeni esamukelekile.
UMncwango ungowokuqala ukugxeka lesi sinyathelo esifuna ukuthathwa wuhulumeni.
“Kungani sifuna ukuqala phansi isiShayamthetho ekubeni sikhona esingasebenzi oLundi? Awukho lo mbono wokuthi kukude oLundi ngoba umuntu wasoPhongolo noma waseShowe kuseduze kuyena oLundi,” kusho uMncwango.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe nabo kubathokozisa kakhulu lokhu okushiwo ngamanye amaqembu ukuthi isiShayamthetho sibuyele oLundi ngoba kade babesho ukuthi kufanele sibuyele khona.
Uthe abahambisani nokuthi uhulumeni achithe uR6.8 billion akha isiShiyamathetho esisha eMgungundlovu, ngoba lokhu kuzobe kuwukumosha imali yabakhokhi bentela kwazise sikhona oLundi.
Uthe bakholwa wukuthi le mali okuthiwa kuzokwakhiwa ngayo isiShayamthetho, ingasiza ukuhambisa intuthuko emphakathini.
UMnuz Sphamandla Ntombela oyilungu eliqavile leNFP, uthe kufanele sibuyele oLundi isiShayamthetho ngoba isakhiwo sakhona senele ukuhlalisa yonke iminyango.
“Kunezindlu zokuhlala izinhloko zeminyango, abasebenzi nongqongqoshe esiShayamthetho saseLundi. Asikho isidingo sokuqasha amabhilidi njengoba kwenzeka eMgungundlovu. IZululand yindawo yasemakhaya okusho ukuthi izothuthuka nayo.
Uyichithile imibono yokuthi kukude oLundi ngoba abantu abasuka enyakatho yeKwaZulu-Natal, nabo babona kukude eMgungundlovu.