ABAHOLI bamaqembu ehlukene ezepolitiki bathembise ukuthathela izinyathelo ezinqala amalungu azophambana nemigomo yekhomishini yezokhetho njengoba kuzovotwa.
Laba baholi bathembise ukuthi bazohlonipha isibopho sokuthi ukhetho lube nokuthula futhi lube ngoluphephile kanti nokuthi ngeke bagqugquzele udlame.
Bakusho lokhu ngoLwesine eMidrand ngesikhathi ikhomishini yezokhetho yenze umcimbi wokuthi amaqembu asayine isibophezelo sokuthi ukhetho luzoba ngolukhululekile nolunokuthula.
IPhini likaNobhala jikelele wokuqala we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe bahlale bezibophezele ekutheni ukhetho lube nokuthula futhi lube ngolukhululekile.
Uthe bazobathathela izinyathelo ezinqala labo abazogqugquzela udlame njengoba kuzovotwa.
“Abantu abaphume ngobuningi bayovota ngoba lolu khetho lubaluleke kakhulu. Kumele kube nokubekezelelana kungabikhona ukusabisana.”
Umengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uzibophezele ekutheni leli qembu lizogqugqugquzela ukuthula njengoba kuzovotwa.
Uthe abantu ababaseke ekutheni bashintshe uhulumeni osemandleni.
“Siyazibophezela ukuthi ukhetho kuzoba ngolukhululekile nokuthula.”
UMnuz Jabulani Khumalo weqembu Umkhonto weSizwe, uthe umele umengameli weqembu uJacob Zuma, wathi bayazibophezela ekutheni kube nokuthula okhethweni.
Uthe bazothathela izinyathelo ezinqala labo abazosabisa ngodlame nabazophambana nemigomo yekhomishini.
“Sizoshintsha izinto uma sesingene emandleni. Imithetho ekhona sizoyishintsha.”
UMnuz Ivan Barnes we-NFP uthe sebengcwabe inqwaba yamalungu abe yabagilwa bezigameko zokubulawa ngenxa yokuthi kunamaqembu angenakho ukubekezelelana.
Uthe babalelwa ku-15 abantu asebashona bebulawa.
“Siyazibophezela ekutheni ukhetho luzoba nokuthula, ngeke sigqugquzele udlame. Siyacela kodwa kwikhomishini ukuthi singatholi amabhokisi anamaphepha okuvota elahlwe emifuleni ukuze sithembe imiphumela yokhetho.”
Umgcinimafa we-EFF uNksz Omphile Maotwe, uthembise ukuthi bazobaqondisa ubugwegwe labo abazophambana nemigomo yekhomishini wanxusa ikhomishini ukuthi iyeke ukusebenzisa othisha beSadtu uma kuvotwa.
Unxuse nokuthi kungasetshenziswa amalungu eCosatu ngoba aseka i-ANC.
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, uthe kulolu khetho kuyaphela ngeqembu elilodwa eliphethe amandla wathi abantu abaphume bayovota.
Uthe bayazibophezela ekuhlonipheni imigomo yekhomishini nokuthi ukhetho luzoba ngolukhululekile.
Ongenele ukhetho ngokuzimela uNksz Anele Mda, ugxeke ikhomishini ngokuthi besingekho isithombe sakhe.
Uthe kumele baphathwe njengamanye amaqembu nakuba bengenela ngokuzimela.
Useke waba yilungu le-ANC neCope kanti uthe ungenela umbango wokuya ePhalamende ngemuva kukaMeyi 29.
Iqembu i-Alliance of Citizens for Change eliholwa nguMnuz Masizole Mnqasela, yilona elitonyulwe laba phezulu ephepheni lokuvota.
I-AIC izoba ngaphezu kwe-ANC njengoba itonyulwe yathola amavoti amaningi njengoba kufana imibala.
USihlalo we-IEC uMnuz Mosotho Moepya, unxuse amaqembu abalelwa ku-52, nabangenele ukhetho ngokuzimela abangu-12, ukuthi bahloniphe isibopho abasenzile.
Unxuse nomphakathi ukuthi usebenzisane namalungu ekhomishini ezikhungweni zokuvota.