UKHETHO lukazwelonke olubhekwe ngabomvu luveze ukuthi abesifazane basashaywa ngesithende uma kukhulunywa ngezikhundla eziqavile zokuhola amaqembu. Amaqembu abophele isingqongqo samadoda sengathi kumbiwa ithuna.
Uma uhamba emigwaqweni yakuleli kukancane ukubona ubuso bomuntu wesifazane kukhankaswa ngabo ezingqwembeni zamaqembu.
Ulokhu ukhangwa ngamadoda nje, cishe kuzo zonke izingqwembe bese uzibuza ukuthi ngabe kudalwa yini lokhu.
INingizimu Afrika ilungiselela ukhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu nolubekelwe uMeyi 29 nonyaka.
Bangu-27.79 million abantu ababhalisele ukuvota kuleli ngokusho kwe-IEC. Lesi sibalo sinyuke kakhulu kusukela ngo-1994 kuqalwa ukuvotela intando yeningi.
Cishe uhhafu walaba bantu abesifazane abhalisele ukuvota nokusho ukuthi amavoti amaningi angase avele kubona.
Lokhu kusho ukuthi banombono noma bazimisele ngokubeka umbono ngokuphathwa kwezwe. Nakuba kunjalo kodwa bashaywa ngesithende uma kuza ezikhundleni ezimqoka.
Amaqembu amaningi asephumele obala ngokuthi wobani ahlasela ngabo abahola umkhankaso wokhetho nabazovela ezithombeni zawo.
Uma kubhekwa nje amaqembu abukwa njengamakhulu kuleli cishe wonke agadla ngamadoda, abesifazane ababonwa. Inhlangano ebusayo i-ANC ihlasela ngoMengameli uCyril Ramaphosa okungumholi wayo.
Selokhu kwaqalwa ukuvota ngokwentando yeningi kuleli i-ANC ayikaze ibe nomengameli wesifazane ehlasela ngaye uma ingenele ukhetho.
I-ANC iyaye ithi ayicwasi ngobuhlanga nangobulili nanoma yingayiphi indlela, kodwa lokhu kubuye kungabonakali ezikhundleni.
I-DA ephikisa ngokusemthethweni ihlasela ngoMnuz John Steenhuisen ongumholi wayo. Kukhona i-EFF ehlasela ngoMnuz Julius Malema naye ongumholi wayo. I-IFP ifolosa ngoMnuz Velenkosini Hlabisa naye ongumholi wayo.
I-ActionSA eholwa wuMnuz Herman Mashaba ifolosa ngaye emkhankasweni wayo wokhetho.
Kuvumbuke iqembu elisha uMkhonto weSizwe elesekwa wuMnuz Jacob Zuma nalo elihlasela ngaye njengokunguyena muntu ohola umkhankaso wayo.
Amanye amaqembu asebamemezilile abantu agadla ngabo ezikhundleni zokuba wondunankulu bezifundazwe nakhona abesifazane abandile uma bekhona bayimithonseyana.
Imihlahlandlela yokhetho nje ebiyethulwa bekulalelwe amadoda odwa esho izethembiso zokhetho, ekhongela amaqembu awo kubavoti bakuleli.
Amaqembu amaningi anabo abesifazane asebenesipiliyoni, abamakhono nabafundile futhi abakhaliphe ngokwanele ukuthi bawahole.
Bake bazame ukuyobayoba befuna ukuba sezikhundleni kodwa kucace ukuthi amadoda ami ngenhla.
Izwe libhekene nenkinga yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nokuyinto okuliwa nayo nxazonke.
Omunye angazibuza nje ukuthi ukushaywa ngesithende kwabesifazne, akudwebi yini isithombe sokuthi amadoda yiwona ongqo shishilizi?
Akudwebi yini isithombe sokuthi abesifazane bacindezelekile. Kungabe amaqembu awakunakile yini lokhu noma awanandaba nakho?
Lokhu kuvame ukubonakala ngisho amaqembu enezingqungquthela zokukhetha ubuholi, abesifazane abavamile ukunikwa izikhundla eziqavile njengokuba womengameli emaqenjini.
Abesifazane baze baqale ukuvela ezikhundleni zamaphini alabo abasuke bekhethelwe kweziqavile.
Baze babuye bavele uma sekujutshwa amalungu ePhalamende kodwa nakhona kuye ngokuya kwaba ngcono ngoba belwa.
Uma amaqembu eneqiniso kuyofanele alubhekisise lolu daba ngoba lushiya imibuzo eminingi ngawo.