AMAQEMBU ezepolitiki awalindele simanga enkulumeni kaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, namuhla.
Lokhu akuveze izolo njengoba uGodongwana kulindeleke ethule isabelomali ePhalamende eCape Town.
USekela Mengameli we-IFP ophinde aphawule ngezeziMali, Inkosi Mzamo Buthelezi, uthe akukho okutheni abakulindele kuGodongwana njengoba umengameli wezwe watshela izwe ukuthi alihlalele ethembeni ngesikhathi enza inkulumo abeyibhekise esizweni emasontweni amabili edlule.
Uthe yize kunjalo abakulindele ukuthi kube khona esinye isabelomali esenziwe phezu kwesisekelo sethemba namaphupho okuthi umnotho uzovele usimame nje.
“Iqembu elibusayo libe neziwombe eziningi ngokwanele ukuthi lilungise isimo somnotho kodwa lehluleka lancama. Kulukhuni ukuthi ungqongqoshe angamemezela izinhlelo izwe elingakwazi ukuthi lizithembe,” kusho uButhelezi.
Uthe lokhu bakusho ngoba mkhulu kakhulu umehluko phakathi kokwethemba nokuthembeka.
“Ukwethembeka kade kwalimala ngakho zonke izakhamuzi sezililahlile ithemba,” kusho yena.
Uthe bayakholelwa ekutheni izinkampani zikahulumeni kufanele ingxenye yazo inikezelwe kosomabhizinisi abazimele.
Enza isibonelo, uthe iPost Bank kufanele idayiselwe osomabhizinisi abazimele.
Uphinde waqwashisa uhulumeni ukuthi angalokothi ethule uhlelo lokufakwa kukagesi welanga ezweni lonke ngoba lokho kungaholela ekutheni kuvuleke amathuba okwenza inkohlakalo.
“Izakhamuzi sezivele zikubonile ukudliwa kwemali okushaqisayo ngesikhathi seCovid-19,” kusho Buthelezi.
Uqhube wathi abakulindele ukuthi ungqongqoshe amemezele izinhlelo zokuthuthukiswa kwengqalasizinda ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Uthe lokhu kuzobe kusho ukuvuleka kwamathuba omsebenzi kwabaningi.
“Yize kunjalo, kufanele angalibali ukufaka nezinhlelo zokuthi kulungiswe naleyo evele ikhona (ingqalasizinda),” kusho yena.
Obambe esikaMengameli we-ActionSA njengamanje, uMnuz Anton Trollip, uthe balindele ukuthi uGodongwana asho ukuthi sizokhokhwa ngani isikweletu se-Eskom.
Uthe izibonelelo zikahulumeni kufanele zibe yisisombululo sesikhashana kulabo abahlwempu, isisombululo sesikhathi eside kube wukusungulwa kwamathuba omsebenzi.